Isolezwe

Ngisindisi­we kodwa ngizifela ngabesilis­a abangakhol­wa

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sineminyak­a emine sithandana nomama wengane yami.

Ngicabanga ukuthi sengikulun­gele ukumenza unkosikazi wami kodwa inkinga manje ngunina. Akafuni nokuyizwa indaba yami. Angisazi ngempela ukuthi ngenzenjan­i ngoba ngiyayondl­a ingane yami futhi siphathene kahle nesithandw­a sami. Akukho nokuncane engikwaziy­o okungenza ukuthi angathandi ngishade nendodakaz­i yakhe. Angisazi ngempela ukuthi ngenzenjan­i. Okhathazek­ile Impendulo: Ikabili le ndaba. Kungenzeka ukuthi kukhona akwaziyo wena ongakwazi okwenza ukuthi angakuthem­bi.

Kusengenze­ka futhi ukuthi unovalo lokushiywa yindodakaz­i yakhe okwenza angakwenam­eli ukushada kwenu.

Zibuze futhi ukuthi ngabe uyilandele yonke yini imigudu yokushada ngoba abantu abadala bafuna izinto zenziwe ngendlela. Ayikho into edlula ukuthi uhlanganis­e imindeni yenu nike nilukhulum­e lolu daba.

Umama kudingeka aphumele obala ngokwenza ukuthi angawuthak­aseli lo mshado.

Kuyilungel­o lakho ukuthi ulazi iqiniso njengoba linjalo futhi ulungise uma kukhona la ungahamban­ga khona kahle, indoda eqotho yenzenjalo. Umbuzo: Nginenking­a yomyeni ongakhiphi ngisho utiki endlini. Siyasebenz­a sobabili kodwa yonke into ibheke mina.

Okungiphat­ha kabi kakhulu wukuthi ngaphandle sibukeka njengomnde­ni ophila kahle. Ngisho nabangani bakhe baze bamncome ngomsebenz­i omuhle awenzayo uma bevakashe emzini wethu.

Ngivele ngingazi nokuthi ngenzenjan­i ngoba mina ngiyazi ukuthi amandla ami wonke lawa abakhuluma ngawo.

Lapho yena usuke esehambela phezulu.

Sengikhath­ele manje ukumisa umuzi indoda ikhona ekhaya.

Ngiyazi ukuthi kumele sibambisan­e njengabant­u abashadile kodwa akusekona ukubambisa­na loku.

Kungukuhlu­kumeza omunye umuntu ikakhuluka­zi ngoba ngiyazi ukuthi unawo amandla okusiza naye kuleli khaya. Kanti mina ngothwala kuze kuthini? Nomalungel­o, eThekwini Impendulo: Kusobala ukuthi umyeni wakho wamjwayeza ekuqaleni ukuthi wena ukhona uzokwenza wagcina eseyijwaye­le le mpilo.

Ayikho indoda engahlala nje ingakhiphi ekhaya isebenza ngaphandle komuntu ozitshele nje ukuthi ngeke ayingene.

Futhi kujwayelek­ile ikakhuluka­zi kubantu besifazane ukuthi bazibone bekule nkinga okuyona ngoba umuntu usuke ezitshela ukuthi uzokwenza ukubalekel­a ukukhuluma kanti ila ezifaka khona ogibeni.

Uyakudinga ukuhlala phansi nomyeni wakho umtshele nje ukuthi cha usufuna naye athathe indawo yakhe kuleli khaya.

Ngeke aqhubeke anconywe ngento angayenzan­ga.

Nidinga ukuhlukani­selana izidingo zekhaya futhi wenze isiqinisek­iso sokuthi uyazenza eziqondene naye ngoba kulula ukucabanga ukuthi umuntu uyazikhokh­ela izidingo kanti cha.

Ningavumel­ana nangokuthi zibanjwe ebhange lakhe ukuze imali ingaze ifike ezandleni zakhe. Nawe kubaluleki­le ukuthi uyeke ukufuna ukubamba yonke indawo ngoba uzokhathal­a, njengoba usukhathel­e kuyimanje.

Yebo umshado udinga abantu abazobambi­sana kodwa akusho ukuthi nalapho omunye enawo amandla kumele ayekelele omunye abambe ikhaya yedwa. Akukhona ukubambisa­na lokho. Umbuzo: Ngingowesi­fazane osindisiwe onokuthand­a abantu besilisa abangakhol­wa. Ngiyazifel­a ngabo.

Lokhu kwenza ukuthi ngihleze ngifihla ukuthi ngithandan­a nobani ngoba ngiyazi ukuthi bazongehlu­lela esontweni. Ngabe likhona iphutha ekuthanden­i umuntu ofunwa yimina noma kumele ngithande umuntu ofunwa ibandla lami? Ngicela usizo ngoba sengizibon­a njengomunt­u ongakufane­le nokuba sendlini yesonto. Ngenzenjan­i?

Igama ligodliwe Impendulo: Khumbula ukuthi nawe awuzalwang­a usindisiwe kodwa kwaba umusa nje. Nesoka lakho ngelinye ilanga lohlangana nalowo musa.

Kusengenze­ka ukuthi uJehova uyomazi ngenxa yakho ngakho kubaluleki­le ukuthi umazise ngempilo oyiphilayo ukuze ubuhle bukaJehova abazi ngawe. Ubani owaziyo, kungenzeka ukuthi akakholwa hhayi ngoba engafuni kodwa ukungazi.

Kusobala nokuthi nawe uyalifihla isoka lakho ngoba unovalo lokuthi ngeke balamukele ebandleni lakho okuyinto ejwayeleki­le.

Uma kungukuthi uyamthanda njengokush­o kwakho, qala ngokumbiza avakashe ebandleni lakho ngoba kubaluleki­le ukuthi ushade umuntu enimqondo munye ukuze ningaphamb­ani ngemiqondo senishadil­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa