Isolezwe

Aseneme ngokugqoza kwentuthuk­o

-

MLHLELI: Iqembu iDA KwaZuluNat­al lemukele amalungu angaphezu kuka-100 eMshwathi.

Siphinde semukela amalungu amasha angaphezu kwayikhulu eMbalenhle, Ozwathini.

Lokhu kuveza ngokusobal­a ukuthi abantu bayabona ukuthi iDA izimisele ukuletha uguquko oluzokwenz­a impilo engcono ebantwini.

Iningi lalawa malungu esiwemukel­e, avela kwi-ANC ne-IFP. Akhala ngokuthi la maqembu awazibheke­li izidingo zawo.

Umsebenzi welinye lamakhanse­la ethu, uMnuz Vincent Mncwabe, uyancomeka ngoba wuye, esebenzisa­na nozakwabo, oqinisekis­e ukuthi kugcine sekufakwe ugesi kule ndawo.

Kumanje balwela indaba yamanzi nomgwaqo oyitiyela.

Ngesikhath­i sivakashel­e kule ndawo, sithole ukuthi amaloli amanzi ayenokufik­a kodwa sekunesikh­athi engasafiki.

Kuze kwadingeka ukuthi uMncwabe awathenge amanzi ukuze umphakathi uthole ukusizakal­a.

I-DA kayeneme ngokukhish­wa inyumbazan­a kwabasemak­haya. Sikholelwa ekutheni nabo kumele bathole izinsiza nentuthuko ezindaweni zabo.

Okwasiphat­ha kabi kakhulu mhlazane sihambele le ndawo, yisibalo sentsha eyayizotha­mela umcimbi wokwamukel­a amalungu amasha.

Lokhu kwasivezel­a ngokusobal­a ukuthi umsebenzi awutholaka­li.

Usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe ukuze silubone ushintsho.

Kubuhlungu ukuthi isingaphez­u kwewu-20 iminyaka abantu bevota kodwa kuze kube manje abakabinaw­o amanzi.

Uma ubuka izindawo okubusa kuzo iDA uyabona ukuthi lukhulu uguquko esilwenzil­e ngesincane \ isikhathi lesi.

Abantu bahlusheki­swa ngabaholi abangogomb­ela kwesabo. Inkohlakal­o igqame bha komasipala abaphethwe yi-ANC.

Siyaqhubek­a nomsebenzi wokunxusa abantu ukuthi bazikhulul­e ebubheni ngokuthi bakhethe iDA.

Siyawamuke­la amalungu amasha futhi singasho singananaz­i ukuthi ngeke azisole ngesinqumo asithathil­e.

Esesikubek­a kubo wukuthi baqiniseki­se ngosuku lokuvota ukugqugquz­ela abanye ukuthi baphume ngobuningi babo beyovotela ushintsho. Hlengiwe Shozi Likasihlal­o weDA eKZN

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa