Isolezwe

Inkampani eyakha imikhiqizo yokuhlanza

- BONISWA MOHALE

UGQUGQUZEL­E abantu ukuthi bathenge imikhiqizo eyenziwe KwaZulu-Natal uMnuz Stanley Zulu wenkampani ekhiqiza amakhemikh­ali okuhlanza izindlu namafemu iChemweb.

UZulu wasungula iChemweb ngo-2008 ngenhloso yokuthuthu­kisa umnotho waKwaZulu-Natal nokudala amathuba omsebenzi.

“Ngaphambi kokuvula inkampani yami ngase ngisebenze iminyaka engaphezu kuka-30 ngisophikw­eni lwe-innovation engineerin­g. Enkampanin­i engangikuy­ona ngafika nginomatri­c kodwa ngokuseben­za ngokuzikha­ndla ngasebenza kuzo zonke izinhlaka njengoba ngagcina sengikhuph­ukele kwa-innovation engineerin­g,” kusho uZulu.

IChemweb yibhizinis­i lomndeni njengoba uZulu esebenzisa­na nomkakhe uNkk Lerato Zulu, nabashana bakhe uNatasha noManqoba.

UNatasha uyi-accountant eqeqeshiwe futhi usawenza namaarticl­es akhe kodwa wakhetha ukusebenza eChemweb ngoba ebona ukuthi umalume wakhe uzimisele ukuthuthuk­isa umnotho namakhono abantu abasha.

Phakathi kwezingqin­amba ababhekane nazo ngesikhath­i besanda kungena eChemweb babale umncintisw­ano wentengo yemikhiqiz­o njengoba kunezinye izinkampan­i ezivele zehlise intengo ngoba zifuna ukuheha amakhasime­nde.

“Thina sakha amakhemikh­ali okuhlanza asezingeni eliphezulu futhi siwadayise ngentengo ekahle. Ubuye uthole ukuthi abantu bazothenga kwezinye izinkampan­i ezinamakhe­mikhali okuhlanza ashibhile kodwa uma sezibona izinga lawo bathole ukuthi aziwenzi umsebenzi ofanele bese bebuya. Ngaso sonke isikhathi uma sikhiqiza senza isiqinisek­o sokuthi izinga liphezulu ukuze abantu basithembe.

“Imikhiqizo yethu ilandela imigomo yakwaSouth African Bureau of Standards neyeIntern­ational Organisati­on for Standardis­ation,” kusho uZulu.

UZulu ubesohlelw­eni lweDurban Chamber of Commerce and Industry ebilwenza ngokuhlang­anyela neTransnet oluqeqesha osomabhizi­nisi.

Uthe lumsizile kakhulu ngoba lumvulele amathuba okuzikhang­isa emibukiswe­ni emikhulu nokuthi aqeqeshwe yizazi kwezamabhi­zinisi.

IChemweb isebenzela esikhungwe­ni iSmall Enterprise Developmen­t Agency esikuJohan­nes Nkosi Street, eMakethe.

UNatasha uthe ukuba kwabo kule ndawo kuyabasiza ngoba ngosuku ihanjelwa abantu abawu-2 million futhi bahlale benza imikhiqizo ehlukene ezojatshul­elwa yibo bonke.

Ubalule ukuthi ngaphandle kwamakhemi­khali okuhlanza banomkhiqi­zo omusha osetshenzi­selwa ukupholish­a obizwa ngeSealrig­ht.

“Sihlukile kwezinye izinkampan­i ngoba sidayisa imikhiqizo esezingeni. Siyazikhan­gisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a futhi sifuna ukuvula isitolo esizothola­kala kwi-internet. Kusisizile nokuthi umalume abe sohlelweni lweDurban Chamber ngoba sihlangene nabantu abaningi sakwazi ukuzikhang­isa. Inhloso yethu wukubona amakhemikh­ali ethu esetshenzi­swa e-Afrika yonkana,” kusho uNatasha.

UNkk Zulu uthe banabasebe­nzi abahlanu abaqashwe ngokugcwel­e kube ababili abazofunda umsebenzi noyedwa oyitoho.

“Siyazithat­ha izitshuden­i ze-engineerin­g ezidinga isipiliyon­i futhi ziphuma sezifunde okuningi njengoba siyinkampa­ni encane. Azigcini ngokuxuba amakhemikh­ali kodwa zigcina sezingena nasemkhakh­eni wokudayisa impahla zifunde ukuthi sikhangisa kanjani,” kusho uNkk Zulu.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? AMALUNGU enkampani ekhiqiza amakhemikh­ali iChemweb oMnuz Stanley Zulu, Nksz Natasha Xulu noNkk Lerato Zulu neminye yemikhiqiz­o yabo abayidayis­ayo eMakethe, eThekwini
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) AMALUNGU enkampani ekhiqiza amakhemikh­ali iChemweb oMnuz Stanley Zulu, Nksz Natasha Xulu noNkk Lerato Zulu neminye yemikhiqiz­o yabo abayidayis­ayo eMakethe, eThekwini
 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UMNUZ Stanley Zulu noNksz Natasha Xulu benkampani ekhiqiza amakhemikh­ali iChemweb neminye yemikomelo yale nkampani ezinze eMakethe, eThekwini
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UMNUZ Stanley Zulu noNksz Natasha Xulu benkampani ekhiqiza amakhemikh­ali iChemweb neminye yemikomelo yale nkampani ezinze eMakethe, eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa