Isolezwe

U-Avbob ulungise amathoyile­thi

- PHILI MJOLI

AMATHOYILE­THI ezikoleni abaluleke kakhulu, asiza ekutheni kufundwe kahle, lungekho uvalo lokuthi kungenzeka kube nengozi yokulimala komfundi obethi uyozikhulu­la.

Lokhu kushiwo uNksz Mabore Sefara ongumxhuma­nisi womphakath­i nenkampani yabangcwab­i u-Avbob, ngesikhath­i bethula ngokusemth­ethweni izindlu zangasese zaseBW Vilakazi Primary, KwaMashu, ezilungisi­we.

Uthe le nkampani inohlelo lokunikele­la izikole ngemitapo yolwazi engamakhon­teyna, lesi sikole esihlomule ngayo ekuqaleni kwalo nyaka.

“Ngesikhath­i silethe umtapo wolwazi sibone isimo sezindlu zangasese ezindala eseziyingo­zi kubafundi, sabona ukuthi yize lesi sikole besisiqoke­le ukuthi sithole umtapo wolwazi kodwa ngeke sithi sesibonile ukuthi amathoyile­thi aso awekho esimeni bese siyeka kunjalo. Sibuyele emuva sachazela iziphathim­andla ngesikubon­e kulesi sikole, zavuma ukuthi lesi sikole silungisel­we amathoyile­thi.”

Uthe le nkampani isebenzisa­na noMnyango wezeMfundo ekutheni kuthuthuki­swe ezemfundo kuleli. “Siyazi ukuthi akulula ukuthi sithuthuki­se zonke izikole ngesikhath­i esisodwa kodwa lowo mnikelo esiwenzile sikholelwa ukuthi usuke uzokwenza umehluko emfundweni yezingane ezifunda kuleso sikole.”

UNkk Florence Biyase uthishanhl­oko walesi sikole uthe bajabule kakhulu ukuthi le nkampani yelule isandla yabalungis­ela amathoyile­thi alesi sikole abesemadal­a.

“Isikole sethu sidala nawo amthoyilet­hi abesegugil­e ngoba sekunesikh­athi eside ekhona. Ngesikhath­i befikile okokuqala sajabula kakhulu besilethel­e umtapo wolwazi. Besingalin­dele ukuthi kuwo futhi lo nyaka bangase babuye, sijabule kakhulu.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UTHISHANHL­OKO wesikole iBW Vilakazi Primary, uNkk Florence Biyase nezikhulu zakwa-Avbob ngesikhath­i kuvulwa ngokusemth­ethweni amathoyile­thi alesi sikole abelungisw­a yile nkampani
Isithombe: SITHUNYELW­E UTHISHANHL­OKO wesikole iBW Vilakazi Primary, uNkk Florence Biyase nezikhulu zakwa-Avbob ngesikhath­i kuvulwa ngokusemth­ethweni amathoyile­thi alesi sikole abelungisw­a yile nkampani
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa