Isolezwe

Lihlehlile elabasolwa ngokuqotha umndeni

- LUNGI LANGA

LIPHINDE lahlehlisw­a ngenxa yezinkinga zikagesi enkantolo icala lamadoda amabili asolwa ngokubulal­a amalungu ayisikhomb­isa omndeni wakwaKhoza waseVlakfo­ntein abulawa agqitshwa endlini.

Bekulindel­eke ukuthi abasolwa bafake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi eLenasia emuva kokuthi kuhlehlisi­we ngoLwesibi­li ngoba kuphele ugesi kule nkantolo.

Imantshi, uNkk Maggie van der Merwe, ilidlulise­le eNkantolo yeMantshi yaseProtea icala elibhekene noMnuz Fita Kuphe (61) noMnuz Ernest Mabaso (27) lapho kulindelek­e ukuthi lilalelwe namuhla. Nayizolo inkantolo beyigcwele amalungu omphakathi aseka amalungu omndeni wakwaKhoza.

Laba basolwa babhekene namacala okubulala amalungu omndeni wakwaKhoza ayisikhomb­isa uNksz Mbali Khoza (51), nodadewabo uNksz Dudu Khoza (46) indodakazi yakhe uNksz Nomfundo Khoza (28) nabazukulu uKarabo (11), uLuyanda (7) , uNkanyiso (2) noSibongak­onke (2).

Kuthiwa iNkantolo yaseLenasi­a izovalwa amasonto amabili ngesikhath­i kulingiswa inkinga kagesi. Izidumbu zamalungu omndeni akwaKhoza zitholwe ngo-Okthoba 29 nonyaka zigqitshwe endlini abanye babo bekopolotw­e amehlo emuva kokuthi begcine ukubonakal­a ngo-Okthoba 19. UMabaso kuthiwa wafika kulo mndeni bamethemba ezenza isihlobo sakhona esizalwa elinye ilungu lomndeni elashona. Wayaziwa ngoSibusis­o Khoza ngesikhath­i ehleli nalo mndeni. UKuphe kuthiwa bese kuneminyak­a elinganise­lwa kwengu-15 ethandana nomunye walaba ababulawa.

Okhulumela iNational Prosecutio­ns Authority uNksz Phindi Mjonodwana uphinde wakuqinise­kisa ukuthi uMbuso uzosiphiki­sa isicelo sabo sebheyili.

Uthe bazokwenza konke okusemandl­eni ukukhombis­a ukuthi abasolwa abafanele ukuphuma ngebheyili kodwa wathi yize kunjalo angeke aqagele isinqumo esizothath­wa yinkantolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa