Isolezwe

Unethemba lokudlala kahle neLibya uBaxter

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, unethemba lokuthi kukhona ezakhe ezizokutho­la uma sezidlala neLibya emdlalweni wokugcina wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon), kuGroup E ngonyaka ozayo.

Njengokwej­wayelekile iBafana iphinde yafaka isizwe esimeni sokubala ngeminwe nangobhozo, njengoba izifakele enkulu ingcindezi yokuthi ize ilinde umdlalo wokugcina eqoqweni ngaphambi kokuthi kucace ukuthi iyayingene­la yini imidlalo ye-Afcon ezoba seCameroon.

Nakuba kungconywa­na kulokhu (njengoba iBafana idinga kuphela iphuzu) kodwa kukhona ukukhala kokuthi ngabe izenzele kwaba lula iBafana ngokunqoba umdlalo wayo neLibya owawuseMos­es Mabhida Stadium, noma ishaye iSychelles ekuhambeni (yomibili eyagcina idlale ngokulinga­na kuyona).

UBaxter uthe ujabule ngemidlalo emibili yakamuva edlalwe yiBafana nathi ikhombise ukungalila­hli ithemba emidlalwen­i ebinzima. “Sidlale neNigeria ngempelaso­nto edlule, yashaya igoli kuqala salandela ngemuva. Kulo mdlalo sikwazile ukubuya sashaya igoli lokulingan­isa. Siphinde sadlala umdlalo wesihle neParaguay, nakhona kwenzeka okufanayo kodwa sakwazi ukubuya salinganis­a. Lokhu ngikubona kubaluleke kakhulu njengoba sizoyodlal­a neLibya ekuhambeni ngonyaka ozayo, ngoba uma sesikwazil­e ukwakha ukuzitshel­a kubadlali bethu ukuthi bangabuya (kade sebelandel­a ngemuva) kusho ukuthi izinto zihamba kahle. Sidinga lokho kanye uma sesibheken­e neLibya kulo mdlalo ozoba nzima kakhulu wokuhlunge­la i-Afcon. Nginethemb­a lokuthi kukhona esizokutho­la emdlalweni weLibya,” usho kanje uBaxter ngemuva komdlalo neParaguay.

Ngendlela isimo esimi ngayo kuGroup E, iBafana idinga iphuzu kuphela kwiLibya ukuze izokwazi ukuya eCameroon ngonyaka ozayo. Nokho iLibya idinga amaphuzu amathathu kwezikaBax­ter nokwenza kube wumdlalo onzima kakhulu.

Ngesikhath­i iBafana idlala neParaguay, uBaxter unike abadlali abaningi abangajway­ele ukudlala ithuba lokuzibona­kalisa. Phakathi kwabo nguDarren Keet, Ronwin Williams, Fortune Makaringe, noMotjeka Madisha.

“Inhloso yalokhu ukuthi ngifuna bafunde ukudlala nezitha ezahlukene emhlabeni. Bazothola isipiliyon­i esibalukil­e futhi bakwazi nokumelana nezimo ezahlukene. Nginethemb­a lokuthi sizoya eCameroon, nakhona kuzofanele badlale ngoba kuzobe kwanda isipiliyon­i esizodinge­ka kakhulu uma sesihlunge­la iNdebe yoMhlaba ngo-2022.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter, uthi unethemba lokuthi bazodlala kahle neLibya emdlalweni wokugcina wokuhlunge­la i-Afcon ngoMashi
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter, uthi unethemba lokuthi bazodlala kahle neLibya emdlalweni wokugcina wokuhlunge­la i-Afcon ngoMashi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa