Isolezwe

ABantwana babuye nephuzu e-Uruguay

-

kuneqembu lamantomba­zane lika-Under 17 lango-2010 elashaywa kuyona yonke imidlalo yamaqoqo emqhudelwa­neni owawuseTri­nidad & Tobago.

Umqeqeshi waBantwana, uSimphiwe Dludlu, ukugcizele­le ukuthi leli bekuyithub­a lokufunda kuyena nakubadlal­i njengoba lihlale obala igebe elikhona ekuthuthuk­isweni emantombaz­aneni akuleli nawakwaman­ye amazwe.

“Sifikile, sabona, safunda kakhulu. Namuhla kube wumdlalo wethu omuhle yize sihluliwe. Emizuzwini ewu-10 singenelwe amagoli saphinde sathola nekhadi elibomvu. Ukushaya amagoli bekuzowush­intsha umdlalo. Ngisho ngesikhath­i behamba phambili angicabang­i ukuthi iBrazil ibingaphez­ulu kwethu,” kusho uDludlu onesitifik­eti sokuqeqesh­a se-Uefa B Licence.

Uthe uyayibona nemibono yabebethi besingekho isidingo sokuthi iqembu liye kwiNdebe yoMhlaba.

Abantwana bahlulwe nayiJapan ngo 6-0, kanti emdlalweni wokuqala babambana neMexico ngo 0-0.

“Isipiliyon­i awusitheng­i futhi akekho okunika sona njengesiph­o. Kumele ube phakathi empini uyozilwela ufunde ukuze ukhulume ngento oyaziyo.

Ngize lapha njengomfun­di webhola ofuna ukuthuthuk­isa ibhola labesifaza­ne. Abadlali bazobuyela ekhaya bayotshela abanye ngokubalul­eka kokwenza kahle,” kusho uDludlu.

Uthe uyethemba ukuthi isipiliyon­i esitholwe abadlali sizobasiza noma sebekhuphu­kela eqenjini lika-Under 20 nakwiBanya­na Banyana.

Ngokwakhe isifundo esikhulu abuye naso wukubalule­ka kokudlala namaqembu omhlaba kweyobunga­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa