UTau useyisilomo ngokugqiba ihlazo eshaya igoli
USEPHENDUKE isilomo neqhawe elingaconsi phansi kubalandeli bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika uPercy Tau. Lo mdlali ubefunwa nxa zonke ngabadala nabancane ngemuva kokuthi eshaye igoli eligqibe ihlazo kwiBafana Bafana ibambana ngo 1-1 neParaguay emdlalweni weNelson Mandela Challenge ngoLwesibili ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Igoli likaTau alibeke enetheni ngemuva kokuthola iphasi kuThulani Serero ongene esiwombeni sesibili, lingene ngomzuzu ka-90, sebeqalile ukuphuma abanye babalandeli abebethamele umdlalo.
Kuthe ingakhala impempe yokuqeda umdlalo, kwakhuzwa “uPercy, Percy, Percy”, uhambisana nehlombe.
Ngesikhathi abadlali bephuma enkundleni bengenela emhubheni oya emagunjini okushintshela, uTau ubelindwe ngabafananya besikole, abebefuna abasayinele izikibha zabo nokushutha naye.
Abanye ukwazile ukubasayinela, ngaphambi kokuphazanyiswa owesifazane nowesilisa asebeqinile abathathe isithombe naye.
Kwale noma umengameli weSafa, uDanny Jordaan, ethi abafana uzobacelela uSerero, bathi “cha sifuna uTau”.
Nangesikhathi abadlali beyogibela amabhasi bebesekhona laba bafana bemlindele ukuthatha izithombe naye.
UTau ogijima kwiRoyale Union Saint-Gilloise lapho ebelokiswe iBrighton & Hove Albion yaseEngland, ubengaqali ukushaya into ecokeme kwiBafana abanye abalandeli abangasayithandi kahle ngenxa yemiphumela ephoxayo.
Ngempelasonto ube nesandla kwigoli lokulinganisa elakuleli lidlala neNigeria kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon). Udlule eshibilika phakathi kwezitobha zeNigeria ngaphambi kokukhipha iphasi ethole uLebo Mothiba, iqembu likaStuart Baxter lakwazi ukuphuma nephuzu elibalulekile kulo mdlalo.
UBaxter ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi ubehlele ukuthi uTau amshintshe esiwombeni sesibili.
“Kodwa uyena umdlali wethu obewuhlupho odongeni lweParaguay. Ngimtshelile naye ukuthi angixolele kodwa kumele aqhubeke,” kusho uBaxter.
Ephawula kwiSuperSport ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele koweParaguay uTau, uthe: “Sisheshe sangenelwa yigoli kodwa sakwazi ukubuya ngamandla, salungisa indlela esidlala ngayo. Sithole igoli ngomzuzu wokugcina, okuyinto enhle.”
Uthe unethemba lokuthi iBafana izoya kwi-Afcon eCameroon ngonyaka ozayo. “Sidinga ukuqhubeka nalo mgqigqo ngonyaka ozayo.” Elakuleli lidinga iphuzu kwiLibya ekuhambeni ngoMashi.