Uzama inhlanhla kuMaZulu odume ngobuhlongandlebe
UZAMA inhlanhla kuMaZulu FC u-Ayabulela Konqobe oke waziqeqesha neKaizer Chiefs ngasekuqaleni kwesizini.
Ngokusho komqeqeshi woSuthu uCavin Johnson, iqembu alizozifaka ingcindezi yokusheshe lithathe isinqumo ngoKonqobe.
Alingatshazwa ikhono uKonqobe analo kunobhutshuzwayo kodwa inkonzo yokuziphatha iyona esimenze wanephunga lomzondo emaqenjini amaningi.
Phakathi kwezinto asolwa ngazo uKonqobe, ukuthanda impilo yasebusuku kanti uphinde abe ngu-mrepha, okuhumusheka ngokuthi akazazi ukuthi yikuphi afuna ukukwenza phakathi kokuba wumdlali webhola elikhokhelayo nokuba ngumculi.
UJohnson usezakhele igama ngokunika ithuba abadlali abangasaqasheki ngenxa yokuthanda uphuzo oludakayo, nokunye okungekuhle.
Phakathi kwabadlali asebesizwe uJohnson singabala uJabu Mahlangu (owayaziwa ngoPule) noMasibusane “Zizou” Zongo abake baduma ngokungalawuleki eminyakeni edlule.
“Simbizile uKonqobe ukuba azoziqeqesha nathi. Uqale ngoLwesibili. Okunye sekulele kuyena. Mina ukumsiza kwami kuphelela ekutheni ngimnike ithuba, okunye sekungokwakhe. Anginaso isiqiniseko sokuthi uzohlala nathi kuze kube nini, angifuni ukumfakela ingcindezi, ngifuna ajwayele ukuba seqenjini,” usho kanje izolo uJohnson engxoxweni naleli phephandaba.
Phakathi kwamaqembu uKonqobe aseke wawadlalela, yilona Usuthu eminyakeni edlule, Thanda Royal Zulu neChippa United. Ukhulele kwinkulisa ye-Ajax Cape Town yangakubo eKapa njengoba edabuka eGugulethu.
Ngokuthola kweSolezwe, uJohson ubevele efuna umdlali owuhlobo lukaKonqobe, onobuhlakani emuva okwaziyo futhi ukuhlasela uma sekunesidingo. Lo mqeqeshi ukhala ngokuthi bangenelwa amagoli abebengawagwema emuva.
Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, utshele Isolezwe ukuthi akukuhle ukuthi kuvundululwe umlando kaKonqobe nxa kukhulunywe ngaye.
“Abaphathi beqembu bamnikile ithuba lokuba azibonakalise. Naye ungumuntu akufanele njalo uma kukhulunywa ngegama lakhe, bese kushiwo izinto azenza eminyakeni edlule. Konke lokho sekudlulile, njengamanje sekufanele sibheke phambili. Okuhle ngaleli thuba alitholile wukuthi konke kulele kuyena,” kucacisa uMkhathini.