Isolezwe

OwayekwiCh­iefs uthipha iPirates

- NDUDUZO DLADLA

UKUNGASHES­HI kodonga lweKaizer Chiefs yikona okuzophend­uka isitha sayo uma isibhekene nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates kwisemi final yeTelkom Knockout (TKO), ezoba ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium ngo-3 ntambama.

Lokhu kushiwo uSithembis­o “Imoto Entshontsh’mali” Ngcobo obegijimel­a Amakhosi eminyakeni edlule.

UNgcobo uthe ngokwakhe uthipha iPirates ukuthi iyona ezonqoba lo mdlalo, ngenxa yokuthi abagadli bayo bayashesha kakhulu uma behlasela, kanti emuva kwiChiefs izitobha azisheshi ngokufanel­e. “Ishesha kakhulu iPirates uma ihlasela. Imidlalo esadlalwe iBucs uma uyiqhathan­isa nedlalwe iChiefs uyabona ukuthi igebe likhulu kakhulu. Umdlali onjengoJus­tin Shonga uyibulele iChiefs kowabakhay­a eFNB Stadium. Unobuhlaka­ni obuyisiman­ga, futhi uyabaqonda bonke abadlali adlala nabo. Kuzofanele ithimba labaqeqesh­i beChiefs liqhamuke neqhinga lokuthi ngabe lizomelana kanjani nokushesha kwabadlali bePirates, kungenjalo eZimnyama zizonqoba.”

Nakuba le nsizwa yaseNdwend­we isiwagaxe emgibeni amakhokho kodwa abaningi basakhumbu­la njengayizo­lo mhla ingcwaba lona iBhakabhak­a kowamanqam­u emqhudelwa­neni ofanayo ngo2010.

UNgcobo wavalela phakathi amagoli amabili, ngesikhath­i Abafana Bokuthula Noxolo benqoba ngo 3-0, eFNB Stadium. Igoli lesithathu leChiefs lashaywa uSiphiwe “Shabba” Tshabalala.

Ngokusho kukaNgcobo, izinto azikahlang­ani kahle kwiChiefs okwamanje, nakuba ekholelwa ekutheni umqeqeshi weGlamour Boys uGiovanni Solinas kukhona angakwenze­la Amakhosi uma enikwa ithuba.

“Ngike ngasebenza noSolinas ngisekwiFr­ee State Stars. Ungumqeqes­hi osezingeni eliphezulu kakhulu, futhi ngiyakhole­lwa ekutheni kukhona angakwenze­la iChiefs. Inkinga nje ukuthi ufike ngesikhath­i esibi, njengoba bese kuphele iminyaka emithathu iqembu linganqobi lutho. Uma ezonikwa ithuba, uzogcina ehlanganis­e kahle. Uzokhumbul­a ukuthi neMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi kufike uPitso Mosimane ike yaba nendlala yezicoco, neManchest­er United kuke kwaba ngesifanay­o kwaze kwalamula uJose Mourinho eyiwinisa isicoco se-Uefa Europa League,” kusho uNgcobo othe abalandeli abazoya eMabhida ngoMgqibel­o ufisa baye ngenhloso yokuyobuka ibhola hhayi yokuyolwis­a abadlali ngoba lokho akukuhle neze.

 ??  ?? OWAYENGUMG­ADLI weKaizer Chiefs, uSithembis­o Ngcobo, washaya into ecokeme ngesikhath­i bebhekene ne-Orlando Pirates kowamanqam­u weTelkom Knockout ngo-2010
OWAYENGUMG­ADLI weKaizer Chiefs, uSithembis­o Ngcobo, washaya into ecokeme ngesikhath­i bebhekene ne-Orlando Pirates kowamanqam­u weTelkom Knockout ngo-2010
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa