Unethemba lokudlala kahle neLibya uBaxter
UMQEQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, unethemba lokuthi kukhona ezakhe ezizokuthola uma sezidlala neLibya emdlalweni wokugcina wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), kuGroup E ngonyaka ozayo.
Njengokwejwayelekile iBafana iphinde yafaka isizwe esimeni sokubala ngeminwe nangobhozo, njengoba izifakele enkulu ingcindezi yokuthi ize ilinde umdlalo wokugcina eqoqweni ngaphambi kokuthi kucace ukuthi iyayingenela yini imidlalo ye-Afcon ezoba seCameroon.
Nakuba kungconywana kulokhu (njengoba iBafana idinga kuphela iphuzu) kodwa kukhona ukukhala kokuthi ngabe izenzele kwaba lula iBafana ngokunqoba umdlalo wayo neLibya owawuseMoses Mabhida Stadium, noma ishaye iSychelles ekuhambeni (yomibili eyagcina idlale ngokulingana kuyona).
UBaxter uthe ujabule ngemidlalo emibili yakamuva edlalwe yiBafana nathi ikhombise ukungalilahli ithemba emidlalweni ebinzima. “Sidlale neNigeria ngempelasonto edlule, yashaya igoli kuqala salandela ngemuva. Kulo mdlalo sikwazile ukubuya sashaya igoli lokulinganisa. Siphinde sadlala umdlalo wesihle neParaguay, nakhona kwenzeka okufanayo kodwa sakwazi ukubuya salinganisa. Lokhu ngikubona kubaluleke kakhulu njengoba sizoyodlala neLibya ekuhambeni ngonyaka ozayo, ngoba uma sesikwazile ukwakha ukuzitshela kubadlali bethu ukuthi bangabuya (kade sebelandela ngemuva) kusho ukuthi izinto zihamba kahle. Sidinga lokho kanye uma sesibhekene neLibya kulo mdlalo ozoba nzima kakhulu wokuhlungela i-Afcon. Nginethemba lokuthi kukhona esizokuthola emdlalweni weLibya,” usho kanje uBaxter ngemuva komdlalo neParaguay.
Ngendlela isimo esimi ngayo kuGroup E, iBafana idinga iphuzu kuphela kwiLibya ukuze izokwazi ukuya eCameroon ngonyaka ozayo. Nokho iLibya idinga amaphuzu amathathu kwezikaBaxter nokwenza kube wumdlalo onzima kakhulu.
Ngesikhathi iBafana idlala neParaguay, uBaxter unike abadlali abaningi abangajwayele ukudlala ithuba lokuzibonakalisa. Phakathi kwabo nguDarren Keet, Ronwin Williams, Fortune Makaringe, noMotjeka Madisha.
“Inhloso yalokhu ukuthi ngifuna bafunde ukudlala nezitha ezahlukene emhlabeni. Bazothola isipiliyoni esibalukile futhi bakwazi nokumelana nezimo ezahlukene. Nginethemba lokuthi sizoya eCameroon, nakhona kuzofanele badlale ngoba kuzobe kwanda isipiliyoni esizodingeka kakhulu uma sesihlungela iNdebe yoMhlaba ngo-2022.”