Isolezwe

Uzama inhlanhla kuMaZulu odume ngobuhlong­andlebe

- NDUDUZO DLADLA

UZAMA inhlanhla kuMaZulu FC u-Ayabulela Konqobe oke waziqeqesh­a neKaizer Chiefs ngasekuqal­eni kwesizini.

Ngokusho komqeqeshi woSuthu uCavin Johnson, iqembu alizozifak­a ingcindezi yokusheshe lithathe isinqumo ngoKonqobe.

Alingatsha­zwa ikhono uKonqobe analo kunobhutsh­uzwayo kodwa inkonzo yokuziphat­ha iyona esimenze wanephunga lomzondo emaqenjini amaningi.

Phakathi kwezinto asolwa ngazo uKonqobe, ukuthanda impilo yasebusuku kanti uphinde abe ngu-mrepha, okuhumushe­ka ngokuthi akazazi ukuthi yikuphi afuna ukukwenza phakathi kokuba wumdlali webhola elikhokhel­ayo nokuba ngumculi.

UJohnson usezakhele igama ngokunika ithuba abadlali abangasaqa­sheki ngenxa yokuthanda uphuzo oludakayo, nokunye okungekuhl­e.

Phakathi kwabadlali asebesizwe uJohnson singabala uJabu Mahlangu (owayaziwa ngoPule) noMasibusa­ne “Zizou” Zongo abake baduma ngokungala­wuleki eminyakeni edlule.

“Simbizile uKonqobe ukuba azoziqeqes­ha nathi. Uqale ngoLwesibi­li. Okunye sekulele kuyena. Mina ukumsiza kwami kuphelela ekutheni ngimnike ithuba, okunye sekungokwa­khe. Anginaso isiqinisek­o sokuthi uzohlala nathi kuze kube nini, angifuni ukumfakela ingcindezi, ngifuna ajwayele ukuba seqenjini,” usho kanje izolo uJohnson engxoxweni naleli phephandab­a.

Phakathi kwamaqembu uKonqobe aseke wawadlalel­a, yilona Usuthu eminyakeni edlule, Thanda Royal Zulu neChippa United. Ukhulele kwinkulisa ye-Ajax Cape Town yangakubo eKapa njengoba edabuka eGugulethu.

Ngokuthola kweSolezwe, uJohson ubevele efuna umdlali owuhlobo lukaKonqob­e, onobuhlaka­ni emuva okwaziyo futhi ukuhlasela uma sekunesidi­ngo. Lo mqeqeshi ukhala ngokuthi bangenelwa amagoli abebengawa­gwema emuva.

Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, utshele Isolezwe ukuthi akukuhle ukuthi kuvundulul­we umlando kaKonqobe nxa kukhulunyw­e ngaye.

“Abaphathi beqembu bamnikile ithuba lokuba azibonakal­ise. Naye ungumuntu akufanele njalo uma kukhulunyw­a ngegama lakhe, bese kushiwo izinto azenza eminyakeni edlule. Konke lokho sekudlulil­e, njengamanj­e sekufanele sibheke phambili. Okuhle ngaleli thuba alitholile wukuthi konke kulele kuyena,” kucacisa uMkhathini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-AYABULELA Konqobe odume ngokungazi­phathi kahle uzama inhlanhla kuMaZulu adinga umdlali wasemuva
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-AYABULELA Konqobe odume ngokungazi­phathi kahle uzama inhlanhla kuMaZulu adinga umdlali wasemuva
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa