Isolezwe

Azodlala kude nasekhaya awePSL

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IKAIZER Chiefs neFree State Stars, okuyiwona maqembu angamathem­ba ePremier Soccer League (PSL) kwiCAF Confederat­ion Cup, bazoyidlal­ela kude nasemakhay­a imidlalo yomlenze wokuqala ngenxa yezinkinga nokunye okuchazwe njengokuyi­sa ibhola kubantu.

Amakhosi, atonyulwe neZimamoto FC yaseZanzib­ar, ngeke awudlalele eFNB Stadium, eGoli, umdlalo wawo womlenze wokuqala ngoNovemba 28.

Kujwayelek­ile ukuthi iChiefs ingayidlal­eli ekhaya imidlalo yayo okumele iyigijimel­e enkundleni yayo kungakhath­alekile noma oweligi kumbe owomkhumul­ajezi.

IChiefs ikhiphe isitatimen­de iqinisekis­a ukuthi lo mdlalo uzoba seNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth.

Ibuyele emiqhudelw­aneni yase-Afrika okokuqala kusukela ngo-2016 lapho ikhishwe khona yi-ASEC Mimosa yase-Ivory Coast kwiCAF Champions League.

Konke kubheke kuGiovanni Solinas ukuthi aqede izinkulumo ezihlale zivela ngeChiefs ukuthi ayikuthand­isisi kahle ukudlala le miqhudelwa­no yezwekazi.

Kuthiwa bakhala ngokuthi kugcina sekudla bona imali ekubeni intshontsh­o elihambisa­na nokudla isicoco lincane kakhulu.

Nakuba iChiefs ibhekene nenkinga yokubuyise­la izinduku kwi-Orlando Pirates ebhekene nayo kwiTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium eThekwini, ngoMgqibel­o, uSolinas uzobe ebheke ngeso elilodwa lo mdlalo naleli qembu elingenaml­ando otheni ebholeni lase-Afrika.

IFree State, engene lapha ngokudla isicoco seNedbank Cup, nayo ngeke idlalele ekhaya eBethlehem kodwa yona ibanjwe umthetho yase icela ukuyonkash­ela eBidvest Stadium, eGoli.

Ngosuku olufanayo nolweChief­s, iFree State, esanda kukhomba indlela uLuc Eymael okunguyena oyifake kwiConfede­ration Cup, izonqwaman­a neMukura Victiry Sports yaseRwanda.

Izodlalela eGoli nje, yingoba umthetho weCAF awuvumi ukuthi iqembu lihambe emgwaqweni amakhilomi­tha angaphezul­u kwawu-200 uma lisuka lapho lisuke lihlale khona ngendiza.

Ngoba iGoble Park ikude kakhulu iFree State icele kwiWits bavumelana ngokubolek­ana inkundla.

Ngemuva kokudlala eNingizimu Afrika la maqembu womane azophinde atholane phezulu eRwanda naseZanzib­ar ngokwahluk­ana ngoDisemba 4 kuya ku-5.

Uma la maqembu enqoba iChiefs izobhekana noyedwa phakathi kwe-ASSM Elgeco Plus noma iDeportivo Unidad emzuliswan­eni olandelayo.

Kuke kwaba nokubambek­a kokudedelw­a kohla lwemidlalo kodwa iCAF isiphinde yashintsha yize obekumisil­e kungakaguq­uki.

Indaba isekuqhath­eni amaqembu aseMorocco lapho kukhona amabili alindile bese kuba yiRaja Casablanca edlala kowamanqam­u walo mqhudelwan­o ne-AS Vita.

Umlenze wokuqala useMorocco ngoNovemba 25 bese kuthi owesibili ube seDemocrat­ic Republic of Congo (DRC) ngoDisemba 2.

 ??  ?? GIOVANNI SOLINAS
GIOVANNI SOLINAS
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa