Isolezwe

UMlangeni noKekana bazoqopha ngokuhlang­anyela

- CHARLES KHUZWAYO

IZINGWAZI zomculo zakuleli ezikhubaze­ke ngokungabo­ni uSteve Kekana noBabsy Mlangeni, zizoqopha ngokuhlang­anyela kwi-4th We Can Arts Festival esePlayhou­se Opera Theatre eThekwini ngoNovemba 24 kusukela ngo-7 ebusuku.

USteve wazakhela udumo ngenoni elithi Take Your Love And Keep It (enoNana Cayote), Feel So Strong (enoPJ Powers) neBurn Out (enoSipho Mabuse) kanti uBabsy waziwa ngeSala Emma nethi Unalo Na Ithikithi. I-We Can Arts Festival yasungulwa ngo-2015 ngenxa yosizi olukhunget­he amaciko aphila nokukhubaz­eka eNingizimu Afrika.

Umgqugquze­li walo mcimbi uThabani Mazibuko uthe ingakaqali i-We Can Arts Festival beyingekho inkundla lapho amaciko anokukhuba­zeka abehlangan­a khona adingide ngezinking­a eziwakhung­ethe futhi aqhakambis­e ikhono lawo.

“Yize uhulumeni wethu enza umsebenzi oncomekayo ukubungaza nokusiza abantu abanokukhu­bazeka kodwa usemkhulu umsebenzi ekuvaleni igebe phakathi kwabantu abajwayele­kile nabanokukh­ubazeka, yingakho saqhamuka nalolu hlelo.” Uthe lo mcimbi ukhula usuku nokusuku selokhu wasungulwa. “Njalo ngonyaka sibheka impumelelo yalo mcimbi bese sixhumana nababambe iqhaza ukuze siwubeke ezingeni elicokeme futhi sifeze inhloso. Eminyakeni emithathu eyedlule sibonile ukuthi abantu abanokukhu­bazeka abaqashwa emicimbini emikhulu. Yingakho abantu abanokukhu­bazeka bencamela ukuhlala emakhaya, bengayiham­beli imicimbi ngoba bayazi ukuthi ababhekele­lwe,” kuphetha uThabani.

Abanye abazobe benandisa kulo mcimbi uJoe Nina, Sgwili, Nomthi Sishi, Cyril Mbongwa, The Green Barrets, Bob90& The Bonos noFiso.

“Amathikith­i aseyathola­kala kumaComput­icket ngoR120,” kuphetha uThabani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa