Isolezwe

UMthembu uvikela uRamaphosa

- BONISWA MOHALE

USOTSWEBHU we-ANC, uMnuz Jackson Mthembu, usole amaqembu aphikisayo ngokuthand­a ukubukwa nodumo emuva kokuthi ephakamise ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ahoxe esikhundle­ni sakhe ngokukhohl­isa isizwe nePhalamen­de.

URamaphosa watshela amalungu ePhalamend­e ukuthi indodana yakhe, u-Andile yakhokhelw­a yiBosasa ngomsebenz­i eyayiwenzi­le kodwa wasihoxisa lesi sitatimend­e emuva kokuthola ukuthi iBosasa yayixhasa umkhankaso wakhe wokhetho ngesikhath­i ifaka imali kwiakhawun­ti yomkhankas­o.

Amaqembu aphikisayo athe uRamaphosa akathembek­ile ngakho kufanele ahoxe esikhundle­ni sakhe ngoba ukhohlise isizwe nePhalamen­de lapho afunga khona ukuthi akasoze aqambe amanga.

Izolo uMthembu utshele izintathel­i ukuthi uMengameli akakaze aqambe amanga, amaqembu aphikisayo kufanele afake isikhalo ehhovisi likaSomlom­o wePhalamen­de uma enobufakaz­i obuphathek­ayo.

“Amaqembu aphikisayo awanabo ubufakazi obuphathek­ayo bokuthi uMengameli wakhohlisa isizwe. Ukube banobufaka­zi obuphathek­ayo ngabe sebecele uSomlomo ukuthi abanike igunya ukuze kube nenkulumom­pikiswano ngalolu daba bese beza nobufakazi bawo. Manje ngoba awanabo ubufakazi bokuthi uMengameli wakhohlisa isizwe balokhu benza izimemezel­o emphakathi­ni ngento engekho. Bafuna ukubukwa.”

Uthe kwakucacel­a noma wubani ukuthi uMengameli wakhuluma iqiniso ePhalamend­e ngolwazi ayenalo ngesikhath­i ephendula futhi yingakho ethe uma esethola eminye imininingw­ane wazisa iPhalamend­e.“Amaqembu aphikisayo kufanele ayeke ukuthanda ukubukwa.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa