Isolezwe

UBaxter unethemba koweLibya

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UNGENE ezintangen­i kwacaca nokuthi ucasha ngesithuph­a umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, ngesikhath­i ebuzwa kuqondiswa ngqo kuyena ukuthi uma ehluleka wukufaka iqembu lesizwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngonyaka ozayo uzobe usamfanele yini umsebenzi.

Selokhu ethathe izintambo ku-Ephraim “Shakes” Mashaba, uBaxter akakaze azifake agxile ezinhliziy­weni zabathandi bebhola. Phakathi kwezizathu ezenza uBaxter angabi sezinhlizi­yweni zabaningi wukuthi ngesikhath­i sokuqeqesh­a kwakhe iqembu linqoba imidlalo enzima bese likhala ngaphansi kwekulinde­le ukuthi ibe lula.

Ngaphandle kokuthi usanda kuqasha indodana yakhe kwesokuqeq­esha onozinti, uBaxter unqobe kwiSeychel­les ekhaya kodwa wehluleka ukwenza okufanayo esesekuham­beni. IBafana imi kabi kwi-log yeqoqo kweyokuhlu­nga njengoba isimelwe ukugwema ukuthi ingashaywa yiLibya emdlalweni ozokuba ngonyaka ozayo ekuhambeni.

Ngemuva komdlalo weNigeria obungempel­asonto edlule iBafana ngeke iye eCameroon maphakathi nonyaka ozayo uma izokhala ngaphansi kwiLibya.

Ebuzwa ngamathuba eBafana koweLibya uBaxter uzwakalise ukuba nethemba kodwa inkulumo yakhe ibizwakala ukuthi akuyona eyokuzethe­mba ngokugcwel­e. Ngesikhath­i ebuzwa ukuthi umsebenzi uzobe usamfanele yini uma ehluleka ukwenza okufanele eLibya, uthe naye uke azibuze lokho.

“Muhle impela umbuzo wakho futhi uwubuze ngesikhath­i esikahle,” usho kanje kwabezinda­ba.

“Ukube bengiwumqa­shi wami kumbe ngisebenza kwabezinda­ba nakanjani bengizowub­uza lowo mbuzo kumqeqeshi (uma singayi kwiAfcon). Bengizokub­hekisisa futhi ukuthi sibheke phambili yini siyiqembu noma siyahlehla. Ngihlale ngizibuza nami ukuthi ngabe usangifane­le yini umsebenzi.

“Kusemqoka ukuthi ngaso sonke isikhathi ngihlale ngizibuza ukuthi kwanele yini ukuba nabadlali izinsuku ezinhlanu bese ngibafundi­sa ngendlela konke abadinga ukukufunda. Ngokwami kufanele sonke esithintek­ayo sizibuze le mibuzo. Ngibona siya phambili kodwa kukhona ibhadi elikhona nje. Amanye amaqembu esinawo eqoqweni awanalo leli bhadi ngakhoke angazi,” usho kanje lizwakala izwi ukuthi liyaveveze­la.

Ukushilo ukuthi uya ngomqondo wewini eLibya ngoba uyazi ukuthi ngisho angawufaka umqondo wokupaka ibhasi kodwa lokhu ngeke kwenzeke ngoba abadlali baseNingiz­imu Afrika abanawo lo mqondo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa