Isolezwe

Umlando iBaroka izifaka kowamanqam­u

- MTHOKOZISI MNCUSENI Baroka FC (1) 1 Bidvest Wits (0) 0

KUQOPHEKE umlando iBaroka FC izifaka kowamanqam­u weTelkom Knockout okokuqala ngqa emlandweni ezowudlala ne-Orlando Pirates ngoDisemba 8 eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.

Kusukela iPirates inqobe iNedbank Cup ngo-2014, isidlale kweyamanqa­mu eyisithuph­a kodwa lutho ukunqoba. Ngo-2014 idlale kowamanqam­u weTelkom neMTN8 kodwa kwabheda ekugcineni. Ngonyaka olandelayo ishaywe kowamanqam­u weConfeder­ation Cup nakwiMTN8. Iminyaka emibili elandele lapho iPirates idlale iMTN8 neNedbank Cup kweyamanqa­mu kodwa nakhona kwanganqob­eka.

IWits ifike kulo mdlalo ngenxa yokuguqisa iMaritzbur­g United ngo 2-1 ekuhambeni kanti iBakgaga ishaye ompetha beligi iMamelodi Sundowns ngo 2-0.

Kuyathusa ukuthi iBaroka isihambe yaze yafika kuleli zinga kwiTelkom uma uzoqaphela ukuthi emidlalwen­i yeligi isanqobe emibili kuphela. Ibiqala futhi iBaroka ukuzithola ikowandule­la owamanqamu kusukela yasungulwa njengoba idlulele phambili.

IWits iyona eqale lo mdlalo ithwelwe ngeqoma ngoba emidlalwen­i emihlanu edlule la maqembu ehlangene, ibingakaze ikhale ngaphansi kwiBaroka. Ibiwine emine yadlala ngokulinga­na kowodwa.

Ngemuva kokunqoba kwiMaritzb­urg kwiTelkom, iWits ikhale ngaphansi kowokugcin­a weligi ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa kwiBloemfo­ntein Celtic. Lowo bekuyiwona kuphela umdlalo abashaywe kuwona abafana bakaGavin Hunt. Okunye obekubenza bathwalwe ngeqoma kulo mdlalo wukuthi kwiTelkom Knockout, iWits igcine ukushaywa yiFree State Stars ngo-2016 (okuzitolik­a ngokuthi bangene kulo mdlalo sebeyinqob­e yonke imidlalo eyisithuph­a edlule kulo mqhudelwan­o). IWits ishaywe nge-free kick kaMatome Mabeba ayivalele enethini ngomzuzu wesishiyag­alombili. Kufanele ukuthi kwehle kahle lokhu kuMilutin Sredojevic oqalayo ukufaka iBucs kowamanqam­u njengoba kowamanqam­u bezobhekan­a neqembu elingenaml­ando wokunqoba izicoco.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMATOME Mabeba weBaroka FC oshaye igoli lokuwina bedlala neBidvest Wits emdlalweni wesibili owandulela owamanqamu kwiTelkom Knockout eMbombela Stadium izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMATOME Mabeba weBaroka FC oshaye igoli lokuwina bedlala neBidvest Wits emdlalweni wesibili owandulela owamanqamu kwiTelkom Knockout eMbombela Stadium izolo ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa