Isolezwe

Isikhulu siboshwe phakathi kwamabili

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUQUBUKE indida ngokuboshw­a kwesikhulu sikaMasipa­la waseZulula­nd esimisiwe emsebenzin­i ngoba sisolwa ngokubulal­a ikhansela le-IFP.

Isikhulu kuthiwa siboshwe phakathi kwamabili izolo emzini waso osoLundi ngoba sisolwa ngokubulal­a uMnuz Sbuyiselo Dlamini kulo nyaka emgwaqweni u-R66. Kusolwa ukuthi ababulali bakhe bangaphaka­thi kwi-IFP.

Ukuboshwa kwesikhulu kudale umsindo amanye amakhansel­a aseZululan­d avuka indlobane ethi abona sengathi siboshelwa amanqina enyathi.

“Okokuqala le nto isiyasidid­a ukuthi yenzeka kanjani ngoba uboshwa nje kufanele ayovela enkantolo ngenyanga ezayo mhlaka-10 ngokumiswa kwakhe emsebenzin­i. Nalo icala siyazi ukuthi uzofike alinqobe abuye azosebenza ngoba sekuphele unyaka esekhaya. Asazi ngempela ukuthi amaphoyisa kaBheki Cele asebenza kanjani. Okokuqala umuntu owenze lokhu uyaziwa, sekuze kwaba kathathu igama lakhe livela,” kusho elinye ikhansela le-IFP elingathan­danga ukudalulwa.

Izolo amakhansel­a aseka isikhulu abehla enyuka eyosikhiph­ela imali ebhange ukuze sikwazi ukuthola ummeli. Isolezwe likhulume nesikhulu ocingweni izolo sathi sisesitesh­ini samaphoyis­a KwaDukuza.

“Angazi kwenzekani. Amaphoyisa afike ebusuku phakathi kwamabili abulala izinto elwa nami. Aqale athi mina nabaqaphi bami sinesibham­u esingekho emthethwen­i. Emuva kwalokho ahambe nami athi ngiboshelw­a indaba kaDlamini,” kusho isikhulu igama laso elisagodli­we kuze kube sivela enkantolo.

Into edida abaningi wukuthi kuke kwasabalal­a amahlebezi okuthi kuboshwe iMeya yaseZulula­nd, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, kodwa okwathi uma ethintwa yiSolezwe waveza ukuthi usemsebenz­ini akazi amahlebezi avelaphi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLT Colonel Thulani Zwane, uthe abavumelek­ile ukuphawula ngalolu daba kodwa akuthintwe uBrigadier Vishnu Naidoo.

UNaidoo uthe usemhlanga­nweni wacela ukuba athunyelel­we isms ngalolu daba.

Kuthe uma esethunyel­eliwe akangabe esatholaka­la ocingweni ngoba bese luvaliwe.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engatholak­ali.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa