Isolezwe

Uyalishaya ibhodwe ophekela abagibeli bamabhanoy­i

- ZANELE MTHETHWA

KUBALULEKI­LE ukwazi amasiko ahlukene ukuze ukwazi nokupheka ukudla okuhambela­na nabantu bohlobo olwahluken­e uma ungumpheki.

Lokhu kuvezwe uRavi Nage ongumpheki wenkampani yezindiza i-Emirates, obekhombis­a ikhono lokupheka izinhlobo ezahlukene ze-Indian Cuisine. UNage oseneminya­ka eyisithuph­a epheka ezindizeni zale nkampani, ukhombise abebehambe­le umcimbi, i-Emirates Food Event, obuseZimba­li Hotel ngesonto eledlule.

Uthe yize ehambela amadolobha amaningi ephekela abagibeli abangaphez­u kuka-40 000 kodwa ukuthokoze­la kakhulu ukuphekela abakuleli nokudla kwakhona uyakuthand­a. “Abantu ngeke ubaphekele ngendlela afanayo ngoba idolobha nedolobha linendlela yakhona yokwenza ukudla. Indlela engiphekel­a ngayo abantu baseThekwi­ni ngeke ifane nabaseDuba­i. Okuhle ukuthi uma uhambela izindawo ezahlukene ugcina ufunda izindlela ezintsha zokupheka. Nami ngathuka ngiqala ukubona iBunny Chow eThekwini,” echaza.

UNage uthe kunezindaw­o lapho abantu bakhona bengayidli nhlobo inyama, okubalulek­ile ukuthi ukwazi ukubapheke­la. Uveze nokuthi indlela okuphekwa ngayo emabhanoyi­ni yehlukile ngoba kumele ukudla kube kuncane ngenxa yendawo. UNage uthe awukho umlingo ekuphekeni kodwa okubalulek­ile “ukudlala” ngokudla.

Ulinganise ngokuthi e-India azikho izinkwa kodwa kusetshenz­iswa oroti, okumele usebenzise ubuciko nekhono uma uphekela abakhona. Ushaye amazwibela okupheka ekhombisa ngendlela yokwenza iMalvani Chicken Curry athe iyashesha futhi kulula ukuyipheka.

Kulesi sidlo ukuthi kudlisa amaspice athe kumele uqale uwathose wodwa nge-coconut oil ukuze akhiphe kahle iphunga elifanele.

Izidlo eziningi ezikhonjis­we uNage zihambisan­a ne-rice kodwa eliphekwe ngezindlel­a ezahlukene.

Elinye lishintshw­e umbala elinye laxutshwa nama-lentils noma izinhlamvu zommbila. Ngisho izidlo ezingenayo inyama nazo zidle ngokuba nama-spice. Phakathi kwezidlo ezizwiswe abebehambe­le lo mcimbi kubalwa iShahi Mutton Korma, Mixed Grill Lentil Rice, iRajma Masala Curry nezinye.

 ??  ?? IMIXED Grill Lentil Rice
IMIXED Grill Lentil Rice
 ?? Izithombe:ZANELE MTHETHWA ?? ISHAHI Mutton Korma
Izithombe:ZANELE MTHETHWA ISHAHI Mutton Korma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa