Uyalishaya ibhodwe ophekela abagibeli bamabhanoyi
KUBALULEKILE ukwazi amasiko ahlukene ukuze ukwazi nokupheka ukudla okuhambelana nabantu bohlobo olwahlukene uma ungumpheki.
Lokhu kuvezwe uRavi Nage ongumpheki wenkampani yezindiza i-Emirates, obekhombisa ikhono lokupheka izinhlobo ezahlukene ze-Indian Cuisine. UNage oseneminyaka eyisithupha epheka ezindizeni zale nkampani, ukhombise abebehambele umcimbi, i-Emirates Food Event, obuseZimbali Hotel ngesonto eledlule.
Uthe yize ehambela amadolobha amaningi ephekela abagibeli abangaphezu kuka-40 000 kodwa ukuthokozela kakhulu ukuphekela abakuleli nokudla kwakhona uyakuthanda. “Abantu ngeke ubaphekele ngendlela afanayo ngoba idolobha nedolobha linendlela yakhona yokwenza ukudla. Indlela engiphekela ngayo abantu baseThekwini ngeke ifane nabaseDubai. Okuhle ukuthi uma uhambela izindawo ezahlukene ugcina ufunda izindlela ezintsha zokupheka. Nami ngathuka ngiqala ukubona iBunny Chow eThekwini,” echaza.
UNage uthe kunezindawo lapho abantu bakhona bengayidli nhlobo inyama, okubalulekile ukuthi ukwazi ukubaphekela. Uveze nokuthi indlela okuphekwa ngayo emabhanoyini yehlukile ngoba kumele ukudla kube kuncane ngenxa yendawo. UNage uthe awukho umlingo ekuphekeni kodwa okubalulekile “ukudlala” ngokudla.
Ulinganise ngokuthi e-India azikho izinkwa kodwa kusetshenziswa oroti, okumele usebenzise ubuciko nekhono uma uphekela abakhona. Ushaye amazwibela okupheka ekhombisa ngendlela yokwenza iMalvani Chicken Curry athe iyashesha futhi kulula ukuyipheka.
Kulesi sidlo ukuthi kudlisa amaspice athe kumele uqale uwathose wodwa nge-coconut oil ukuze akhiphe kahle iphunga elifanele.
Izidlo eziningi ezikhonjiswe uNage zihambisana ne-rice kodwa eliphekwe ngezindlela ezahlukene.
Elinye lishintshwe umbala elinye laxutshwa nama-lentils noma izinhlamvu zommbila. Ngisho izidlo ezingenayo inyama nazo zidle ngokuba nama-spice. Phakathi kwezidlo ezizwiswe abebehambele lo mcimbi kubalwa iShahi Mutton Korma, Mixed Grill Lentil Rice, iRajma Masala Curry nezinye.