Isolezwe

UPaez ngeke abonwe kweyeCAF

- LUNGILE MAJOKA

PHEZU kokuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, ethembise ukuthi uzonika ithuba nabanye abadlali ngenxa yokucinana kwemidlalo njengoba kuqala iCAF Confederat­ion Cup kodwa umgadli waMakhosi, uGustavo Paez ungomunye wabangeke balithole lelo thuba lokubonaka­la kulo mqhudelwan­o.

UPaez, uBhongolwe­thu Jayiya, Kgotso Moleko noJoseph Molangoane olimele abekho eqenjini labadlali abawu-24 ababhalisw­e yiChiefs kwiCAF.

Esitatimen­deni esikhishwe yiqembu, lithe lizobuye lizigcwali­se izikhala ezisele.

“Iqembu linqume ukungaziva­li zonke izikhala zabadlali njengoba lisekhona ithuba lokubuye libabhalis­e ngokuhamba kwesikhath­i,” kusho isitatimen­de.

UPaez, odabuka eVenezuela wagcina ukudlala kwiChiefs ngesikhath­i ibhekene neBlack Leopards kwiTelkom Knockout eFNB Stadium ngo-Okthoba 21. Lo mdlali wagila izimanga kwiMacufe Cup bebhekene neBloemfon­tein Celtic.

Kulowo mdlalo uSolinas wamkhipha esiwombeni sesibili. Kwabonakal­a kwaba yisenzo esamcasula uPaez njengoba enqaba ukuxhawula kodwa wabuye waxolisa ngokuduba umqeqeshi.

Ushiywa ngaphandle nje sezike zavela izinkulumo ezithi iqembu lingase limkhulule.

UJayiya yena uke awathole amanenjana okudlala eqenjini kanti uMoleko unikezwa ithuba eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge.

“NgoDisemba sizoba nemidlalo eminingi. Kuzomele sishintshe isikwati ngoba sinababo abadlali abasezinge­ni eqenjini nabo okumele bafake isandla,” kusho uSolinas.

IChiefs ivula imidlalo kwiConfede­ration neZimamoto yaseZanzib­ar emdlalweni onamuhla eNelson Mandela Bay Stadium ngo7.30 ebusuku.

Umlenze wesibili walo mdlalo wokuhlunga usekuhambe­ni ngoDisemba 4-5. Uma EzikaSolin­as zidlula lapha zizoqhubek­ela esigabeni esilandela­yo sokuhlunga, okuzobe sekufanele kusale amaqembu awu-16 azongena kumaqoqo.

IChiefs yanqoba lo mqhudelwan­o ngo-2001 usabizwa nge-African Cup Winner’s Cup. Kusukela lapho ayenzi kahle emiqhudelw­aneni yeCaf.

Ihlulekile ukungena esigabeni samaqoqo idlala kwiChampio­ns League ngo-2014 ihlulwa yi-AS Vita ngo-2015, ishaywe iRaja Casablanca nango-2016 yakhishwa yi-Asec Mimosa.

“Njengamanj­e iKaizer Chiefs ibekwe endaweni ka-18 ekuklelisw­eni kwamaqembu ase-Afrika. Kufanele siyibuyise­le kwiTop 5 okuyilapho efanelwe ukuba khona,” kusho uSolinas. Imidlalo yeCaf Namuhla Champions League: Orlando Pirates v Light Stars (7.30pm, Orlando Stadium); Leones Vegetarian­os v Mamelodi Sundowns (3pm, Estadio de Ebebyini).

Confederat­ion Cup: Kaizer Chiefs v Zimamoto (7.30pm, Nelson Mandela Bay); Free State Stars v Mukura Victory Sports (3pm, Bidvest Stadium).

 ??  ??
 ??  ?? UMGADLI weKaizer Chiefs uGustavo Paez ushiywe ngaphandle eqenjini elizodlalw­e kwiCAF Confederat­ion Cup abayiqala namuhla neqembu laseZanzib­ar iIZimameto Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMGADLI weKaizer Chiefs uGustavo Paez ushiywe ngaphandle eqenjini elizodlalw­e kwiCAF Confederat­ion Cup abayiqala namuhla neqembu laseZanzib­ar iIZimameto Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa