Isolezwe

UTHWELE KANZIMA U-KHUNE KUSUKELA NGAMADEVU

-

KWESINYE isikhathi umuntu uke athi uzishintsh­ela isitayela kanti useziqhath­a nolaka lwabantu ikakhuluka­zi uma ungumuntu osemehlwen­i abantu kumbe usaziwayo njengonozi­nti wokuqina kwiKaizer Chiefs nakwiBafan­a Bafana, u-Itumeleng Isaac Khune.

Insizwa yaseVenter­sdorp ngomunye wabadlali iqhawe lakho umalume uPotshoza, elibakhonz­ile kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika.

Nokho le nsizwa imethusile umalume ngesonto eledlule ivumbuka namadevu aqinile. La madevu awethusang­a uPotshoza kuphela kodwa nabalandel­i bakanobhut­shuzwayo imbala.

Abalandeli beChiefs bashiye abangalazi kuKhune ngemuva kokwehlulw­a yi-Orlando Pirates ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o. Babodwa abebemfani­sa nensizwa edlala indawo kaMjekejek­e kwiThe Queen edlala nsuku zonke ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic.

“Ucabanga ukuthi ungawina iSoweto Derby ubeke uMjekejeke ezintini?” Ibimehla kanje uKhune eminye imiyalezo. Abanye bebesola lo nozinti ngokubadel­ela uma ecabanga ukuthi ababoni ukuthi usenga ezimithiyo uma ethi uneminyaka ewu-31 ubudala.

Iqiniso lapho ukuthi neqhawe lakho uPotshoza liyahlulek­a ukubamba insini uma libuka izithombe zikaKhune nesitayela sakhe samadevu. Yena ungathi insizwa esiqinile ngempela kodwa-ke uPotshoza akayona leyo nhlobo, iqhawe lakho aliyona le nhlobo ephikisa abantu ngeminyaka yabo. umdlalo, ngisho ukungena enkundleni phakathi ngisondela­ne namabhents­hi amaqembu womabili.

Leli qhawe eliwuPotsh­oza lingene enkundleni ngemizuzu yawo-60 kanje, ngaleso sikhathi bekusewu 1-1 kulo mdlalo weTelkom Kkockout ogcine uphele ngo 2-1 kunqoba eZimnyama.

Cha, kunzima ukuba umdlali wala maqembu, ikakhuluka­zi kulo mdlalo walolu hlobo. Lokhu uPotshoza ukuzwe ezihambela phakathi enkundleni ukuthi umuzwa wakhona, ungakwenza uphanjanel­we yikhanda uma ungumdlali obhayizayo. Nokho okuxake iqhawe lakho ukuthi ibhentshi leChiefs lisebenza ngendlela ehlukile. UGiovanni Solinas opheka Amakhosi ngimbone ekhuluma imizuzwana mhlawumbe emibili uma ingemithat­hu nephini lakhe uPatrick Mabedi. Ngibone esesukuma uMabedi esebiza umdlali. UPotshoza uzibuzile ukuthi amaqhinga okudlala uwathola nini lo mdlali? Baxoxa nini uSolinas noMabedi ngabakufun­a kumdlali osuke ezongena? Akukwazi phela ukuthi umuntu asuke ebhentshin­i ashaye amangqamun­gqeshe angene enkundleni afufutheke nje, wake wakuzwaphi lokho? Nokho ngithe uma ngibuka ibhentshi leZimnyama, ngavuma ukuthi uRulani Mokwena kukhala esakhe isicathulo kuleliya qembu, phansi umona! Uma ungazi uMokwena uwu “Zonke Bonke” kwiBucs. Ake ngehle kancane ngobonda ngigcine ngokusithe­la. kwakhe emasontwen­i edlule njengoba eseqalile ukuzivocav­oca.

Kuleli sonto iqembu lifake i-video kaVilla ematasatsa nemishini ezivocavoc­a ngemuva kokuhlinzw­a onyaweni lwangakwes­okunxele.

Walimala ngesikhath­i esekhempin­i yeBafana Bafana ngo-Okthoba idlala owobungani neSuperSpo­rt United.

Ngemuva kokuhlinzw­a kuvele ukuthi uVilakazi ngeke abonakele isizini yonke. Kodwa ngendlela uPotshoza ambone ezimisele ngayo ngeke amangale uma kwenzeka elulama ngokushesh­a kunalokho obekubheki­we. nomkhankas­o wayo wokuxwayis­a intsha ngobugeben­gu njengoba izoba nenkundla yokucobele­lana ngolwazi ihambisana namaphoyis­a kule mpelasonto.

Izosebenzi­sa umzuliswan­o wemidlalo yeMulticho­ice Diski Challenge (MDC) oseTsakane. NgoLwesihl­anu kuzohlanga­nwa eMndeni Fellowship Christian Centre ngo-10 ekuseni kuya ku-2 ntambama.

Kuzobe kuhlangene abadlali beBidvest Wits, abeSuperpo­rt United nentsha ewu-150 yaseEkurhu­leni.

I-PSL iqale lo mkhankaso ekuqaleni kwesizini ngenhloso yokufundis­a intsha ngobungozi bokuzifaka ebugebengw­ini bese inxenxwa ukuthi igxile kwezemidla­lo.

Njengokujw­ayelekile emidlalwen­i ngoMgqibel­o nangeSonto kuzongenwa mahhala. Amathikith­i atholakala eTsakane Stadium ngoLwesine nangoLwesi­hlanu ngo-1 ntambama kuya ku-6 ntambama.

 ??  ?? SIBUSISO VILAKAZI
SIBUSISO VILAKAZI
 ??  ?? ITUMELENG KHUNE
ITUMELENG KHUNE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa