IMabhida iyazenzela ngemidlalo
IMENENJA yenkundla yodumo iMoses Mabhida Stadium, uVusi Mazibuko ichaze le nkundla njengebhizi kunazo zonke eNingizimu Afrika.
Ezinyangeni ezintathu kule nkundla yaseThekwini sekudlalwe imidlalo emine emikhulu ebizwa ngo-Category A.
Kule midlalo sibala owamanqamu weMTN 8 phakathi kweCape Town City neSuperSport United ngoSepthemba, imidlalo emibili yeTelkom Knockout (TKO) yama-quarter final phakathi kwe-Orlando Pirates naMaZulu noweKaizer Chiefs neSuperSport eyadlala ngempelasonto eyodwa ekuqaleni kukaNovemba.
NgoLwesibili olwedlule le nkundla ibisingethe umdlalo wesihle wokuhlonipha lowo owayengumengameli wokuqala wentando yabantu uNelson Mandela. IBafana Bafana idlale ngokulingana neParaguay kuba ngu 1-1.
NgoMgqibelo le nkundla iphinde yasingatha umdlalo othathwa njengomkhulu kunayo yonke eNingizimu Afrika, nasezwenikazi i-Afrika njengoba bekududulana izinkunzi zaseSoweto iChiefs nePirates kubangwa indawo kowamanqamu emqhudelwaneni iTKO. Umdlalo uwinwe yiPirates ngo 2-1 nokuchaza ukuthi izodlala kowanqamu neBaroka FC eshaye iBidvest Wits ngo 1-0.
Imenenja yaseMabhida uMazibuko, ithe akuvelanga kwaba yimana eyehla ezulwini ukusingatha le midlalo kodwa yingoba bahlelekile emsebenzini wabo njengabaphathi benkundla.
“Ukuza kwale midlalo eMabhida akuzenzekalekanga kodwa yingenxa yokuthi siyahlela isizini ingakaqali ukuthi sifuna ukuba nemidlalo emingaki futhi ewuhlobo luni.
Ngonyaka sahlela ukuthi sizodinga imidlalo ewu-12. Sabe sesizibuza ukuthi le midlalo sizoyithola kanjani. Sabe sesithi sizozama ukuthola okungenani imidlalo emibili yeBafana Bafana, saphinde sathi sizozama ukuthola okungenani imidlalo emibili yamanqamu.
Sinobudlelwano neChiefs ukuthi isinike imidlalo emihlanu, okubalwa kuyona emithathu yeligi nemibili yomkhumulajezi. Njengamanje sinezingxoxo namaqembu amathathu aKwaZulu-Natal ayibambe kwiAbsa Premiership ukuba asiphe imidlalo yawo emikhulu, okusho ukuthi sizofinyelela kulesi sibalo semidlalo ewu-12,” kulandisa lesi sikhulu.
Sezike zaba khona izinkulumo zokuthi kukhona ukwenzelela netiye elenzelwa iMabhida ngemidlalo eyitholayo kodwa uMazibuko uthe akunjalo.
“Akukho muntu thina osenzela okuthile. Kuphela nje siyahlela kusenesikhathi. Empeleni ngokwezibalo uma ngiqhathanisa nezinye izinkundla yithina esinomsebenzi omningi ukuzedlula zonke kuleli, ngoba siba nemidlalo ewu-12 engaphansi kuka-Category A. Ngiyafisa kucace ukuthi asithathi noma yimuphi umdlalo kodwa sithatha kuphela ewuCategory A,” kucacisa
uMazibuko.