Isolezwe

Kushone obewumgogo­dla wesiteshi somphakath­i

- CHARLES KHUZWAYO

ABALALELI besiteshi somphakath­i saseMpange­ni namaphethe­lo, iNdonsakus­a Community Radio (Icora) 100.0 FM, bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni komunye wabasakazi nabaphathi abawumgogo­dla wesiteshi, uSimphiwe ‘Lady S’ Sibiya (35).

USimphiwe, odabuka eMvutshini eGingindlo­vu kodwa obesezinze eSikhaleni, ushonele esibhedlel­a saseGarden Clinic eMpangeni ngoLwesibi­li ngezithuba zabo 8.30 ebusuku, ngemuva kokuphuthu­nyiswa khona exinwe wukugula.

Umphathisi­teshi we-Icora, uBonga Msweli, uthe bagqemeke udume lwengozi ngokushona kukaLady S.

“Ubenamagal­elo amakhulu emsakazwen­i. Silahlekel­we ngempela. Akagulanga isikhathi eside. Ufike esiteshini ezoba yiHuman Resources and Administra­tion Manager ngo-2014.

“Ngenxa yokubona ikhono lokusakaza, ube esethola ukuqeqeshw­a kwangaphak­athi nokwangaph­andle. Ngo-2016 ube esesakaza uhlelo lwangoMsom­buluko kuya kuLwesine phakathi kuka-9 no-12 ebusuku olwaluthi Bedroom Power Play,” uMsweli.

Kuthe ngo-2017 uLady S wafakwa esikhundle­ni sokuba yimenenja yezinhlelo, isikhundla ahambe esasibambi­le.

“Ngenxa yokuthi abantu bebemthand­a, kwaphoqele­ka ukuthi simnikeze uhlelo lwangeSont­o ntambama oluthi Sunday Sounds,” kuphetha uMsweli.

USihlalo webhodi labaqondis­i bomsakazo, uQaphile Putsoane, uthe bazomkhumb­ula kakhulu uLady S ngenxa yokuphatha ngobuchule izinhlelo zomsakazo.

ULady S uzofihlwa emathuneni aseMvutshi­ni, eGingindlo­vu, ngaseShowe, ngoMgqibel­o ekuseni ngemuva kwenkonzo ezokuba sekhaya. kusho

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USIMPHIWE ‘Lady S’ Sibiya we-Icora FM uzofihlwa eGingindlo­vu kusasa
Isithombe: SITHUNYELW­E USIMPHIWE ‘Lady S’ Sibiya we-Icora FM uzofihlwa eGingindlo­vu kusasa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa