Isolezwe

Inkantolo igodle isinqumo ngenduku

- BONGANI NKOSI noMHLENGI SHANGASE

INKANTOLO yoMthethos­isekelo isigodlile izolo isinqumo mayelana nokuthi abazali bangazisha­ya yini izingane zabo emakhaya.

Inhlangano engenzi nzuzo iFreedom of Religion South Africa (FOR SA), ibisenkant­olo ifuna abazali bavunyelwe ukuthi bashaye izingane zabo.

UMnyango wezeNhlala­kahle yomphakath­i nowezoBulu­ngiswa iyaphikisa­na nokuthi kushaywe izingane.

Ummeli weFOR SA, uMnuz Reg Reg Willies uthe abazali kumele bavunyelwe ukuthi baqondise izingane zabo ngendlela ababona ngayo.

Uthe kukhona umehluko phakathi kokuyiqond­isa ngokothand­o noma ukuyihluku­meza.

Le nhlangano ifuna kuchithwe isinqumo seNkantolo eNkulu eyachitha ukushaywa kwezingane.

Izolo kube nemibono ehlukene ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba abanye bebezwakal­isa ukuhambisa­na nokuthi abazali bavunyelwe ukuthi baqondise izingane zabo ngendlela ababona ngayo. Ijaji Raylene Keightley wanquma nyakenye ukuthi akukho emthethwen­i ukushaya ingane. UKeightley wayelalele udaba lukababa waseGoli owalahlwa yicala ngokushaya indodana yakhe. Emaphephen­i afakwe nguMnuz Michael Swain, umqondisi weFOR SA, uthe isinqumo sikaKeight­ley sashiya abazali bengenazo ezinye izindlela zokuqondis­a izingane. “Sikhathaze­kile ngokuthi lesi sinqumo sizophuca amandla abazali ikakhulu labo abahlala emakhaya agcwele kakhulu ngoba abakwazi ukuthumela ingane ekhoneni elithile ngoba igangile.”

Obemele uMnyango wezeNhlala­kahle uMnuz Nkosinathi Dladla, uthe izingane kumele zivikelwe odlameni.

Emaphephen­i afakwe yiChildren’s Institute, Quaker Peace Centre neSonke Gender Justice, aseka isinqumo senkantolo enkulu sokuchitha ukushaywa kwezingane.

Ungoti wezingane uNksz Shanaz Mathews uthe noma engabaphuc­i abazali ilungelo labo kodwa kumele benze izinto ngendlela ehlukile.

Uthe ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi abantu abasha abangu-71% e-Eastern Cape sebake balithola ibhande noma induku besayizing­ane.

UNksz Carol Bouwer, umqondisi wePeace Centre, ongahambis­ani nokushaywa kwezingane, uthe bafuna kungavunye­lwa ukushaywa kwezingane.

Uthe kabasho ukuthi abazali abangaziqo­ndisi izingane zabo kodwa abakwenze lokhu ngaphandle kwenduku.

I-The UCT Children’s Institute ithe ukushaywa kwezingane kuba nomthelela omubi ezinganeni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa