Isolezwe

Isangoma sigqugquze­la ukuvikela ingculazi

- LUNGI LANGA LUNGI LANGA

NJENGOBA kugujwa usuku lokugqugqu­zela abantu bazivikele kwigciwane lengculazi kusasa, uNksz Silungile Mtambo (43) oyisangoma nophila negciwane lengculazi usenxuse ukuthi abelaphi bendabuko bangashiyw­a ngaphandle ezinhlelwe­ni zokulwa naleli gciwane.

UNksz Mtambo ophinde abe ngumqondis­i wenhlangan­o eqwashisa ngegciwane lengculazi, iSouth African Women Ambassador­s, ungomunye wabelaphi bendabuko abasebenzi­sana nemitholam­pilo nezinhlang­ano uma belapha iziguli.

Uthe uma iziguli zifika UXWAYISA abanye ukuthi basebenzis­e amakhondom­u ngaso sonke isikhathi owesifazan­e (25) onegciwane lengculazi.

Owesifazan­e, osonyakeni wesithathu ezifundwen­i zakhe zobudokote­la esikhungwe­ni semfundo ephakeme i-University of KwaZuluNat­al (UKZN), uthe engakathol­i ukuthi unegciwane lengculazi ngoJulayi zizokwelas­hwa akagcini kuphela ngokuzelap­ha ngokwesint­u kodwa uyabheka ukuthi kukhona yini olunye usizo lwezempilo eziludinga­yo nathe kubaluleki­le ekulashwen­i kofuba negciwane lengculazi.

“Omunye umuntu uke afike sikhulume ngezinto zesintu asuke edinga ukulungise­lwa zona kodwa ngiyaye ngihlale naye ngixoxe size sifinyelel­e lapho esikhuluma khona ngegciwane lengculazi. Uma efuna ukuhlolela leli gciwane ngiyamelul­eka bese ngiyamuhlo­la ngoba ngikuqeqes­helwe ukwelulekw­a nokulihlol­ela. Uma edinga ukudlulise­lwa emtholampi­lo ngimbhalel­a incwadi eshoyo ukuthi udinga usizo. Kubaluleki­le ukuthi sikwazi ukusebenzi­sana nemitholam­pilo nokuthi nayo isebenzisa­ne nathi,” kusho uNksz Mtambo.

Uthe useke wabona kaningi abantu befika begula abanye bazitshele ukuthi baloyiwe kanti bayagula kodwa abazi.

UNksz Mtambo oseneminya­ka engu-21 ephila negciwane lengculazi uthe kufanele kwamukelwe ukuthi abantu abaningi baya kubelaphi bendabuko kuqala uma bedinga usizo lwezempilo. Uthe lokhu kusho ukuthi kufanele kusetshenz­iswane. Ukhale ngokuthi uyaye adlulisele abantu emitholamp­ilo kodwa yona ayibaniki izincwadi ezithi ababuyele kuyena uma sebeluthol­ile usizo – kunalokhu abanye batshelwa ukuthi bangayi ezangomeni.

Uphinde wagqugquze­la abantu ukuthi basebenzis­e ulwazi abanalo bangagcini ngokuthi bathi bayazi.

“Ngesikhath­i ngingenwa yigciwane lengculazi nganginalo ulwazi ngokuvikel­a igciwane lengculazi kodwa ngenza iphutha lokuthemba uphathina wami wangaleso sikhathi. Ngafunda ukuthi akusizi ukuba nolwazi ube ungawasebe­nzisi amakhondom­u,” kusho uNksz Mtambo.

Uthe okunye okubalulek­ile nokufanele kwenziwe ukugqugquz­ela izingane ikakhulu ezamantomb­azane ukuthi zikwazi ukuzithath­ela izinqumo ezizosiza ukuthi zizivikele kulesi sifo. UNksz Mtambo uthe kubaluleki­le ukuthi abazali basondelan­e nezingane zabo futhi basheshe bakhulume nazo ngezindaba zocansi nokuvikela igciwane lengculazi.

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE. AFRICAN NEWS AGENCY ( ANA ) ?? UNKSZ Silungile Mtambo oyisangoma esiphila negciwane lengculazi ekhuluma nabantu abasha ngokuvikel­a igciwane lengculazi
Isithombe: LEON LESTRADE. AFRICAN NEWS AGENCY ( ANA ) UNKSZ Silungile Mtambo oyisangoma esiphila negciwane lengculazi ekhuluma nabantu abasha ngokuvikel­a igciwane lengculazi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa