Isolezwe

Usexwayisa abanye onegciwane lengculazi

-

nonyaka ubevame ukuhlolwa leli gciwane.

Uthe kodwa kube nesikhathi esingangez­inyanga ezimbili engahloli kwathi esehlola wathola ukuthi unalo.

“Kubaluleki­le ukuthi abantu bawasebenz­ise ngaso sonke isikhathi amakhondom­u. Ngike ngithi uma ngicabanga ukuthi ngangenwa nini yileli gciwane kube nzima ukuqonda ngoba bengivame ukusebenzi­sa amakhondom­u. Mhlawumbe kube yizikhathi ezinhlanu kuphela lapho engingawas­ebenzisang­a khona. Lokhu kusho ukuthi isikhathi esisodwa ongayisebe­nzisi ngaso ikhondomu kungaba yisona ongathelel­eka ngaso,” kusho yena.

Uthe ngesikhath­i eqala ukuthola ukuthi unegciwane lengculazi wayeyingxe­nye yezitshude­ni ezigqugquz­ela ezinye ukuthi zihlolwe.

Uthe ngalolo suku waqoka ukuhlolwa njengendle­la yokugqugqu­zela izitshuden­i ngento naye ayenzayo.

Lesi sitshudeni esinezinya­nga ezintathu sisebenzis­a amaantiret­rovirals (ARVs) sithe sasingazi ukuthi kuzothi uma sihlolwa kuvele ukuthi sinegciwan­e.

Uthe akasheshan­ga ukwamukela ngoba kwathi uma ethola imiphumela wazenza umuntu oya ethoyileth­i kanti uyohlala yedwa ukuze etshise izindaba ayesanda kuzithola. Ngokuhamba kwesikhath­i wamukela.

Uthe ukungenwa yigciwane akumvimban­ga ukuthi aqhubeke nempilo afunde njengoba namanje esaqhubeka nezifundo zakhe zobudokote­la.

Uveze ukuthi athandane naye esenegciwa­ne uyazi ukuthi unalo futhi umamukele wangamcwas­a. “Ngasheshe ngamtshela ukuthi nginegciwa­ne lengculazi. Kwavele kwazenzaka­lela ukuthi ngimtshele ngisanda kuthola ukuthi nginalo. Sike sahamba naye sayohlola wathola ukuthi akanalo. Uphindile futhi wahlola imiphumela yathi akanalo. Engike ngikugqugq­uzele ngaso sonke isikhathi wukuthi asiqhubeke sisebenzis­e amakhondom­u futhi naye akakuphiki­si lokho,” kusho yena.

Uthe akuqiniswe izinhlelo zokugqugqu­zela intsha ukuthi ihlolwe igciwane lengculazi neyokuthi basheshe bayithole imishanguz­o njengoba ekhale ngokuthi akulula entsheni ukuthi iye ezikhungwe­ni zezempilo. Uthe kungaba kuhle ukuthi zonke lezi zinhlelo zilethwe entsheni ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa