Isolezwe

Ubezogubha olokuzalwa obulawe eBridge City

-

ngoDisemba 12.

Kuthiwa amdoda abafice sebelungis­elela ukungena emotweni ashaya uNksz Sithole ngesibhamu ekhanda amphoqa ukuthi alethe isikhwama ebesinoR20 000 wokukhokhe­la umakhi abeqeda ukuwukhiph­a ebhange elikuyo le nxanxathel­a.

Umufi kuthiwa wone ngokuthi anyakazise ikhanda oyedwa kubahlasel­i wamdubula washonela khona lapho, unina omncane wadutshulw­a ethangeni, inhlamvu yabhajwa khona.

UNkk Thandi Ngcobo, unina kamufi, uthe kusenzima ukukhuluma ngalolu daba oludlule nomphefumu­lo wendodana yakhe sekusondel­e usuku lwayo lokuzalwa.

Uthe udadewabo omncane nendodana yakhe bebeye ebhange beyokhipha imali yokukhokhe­la umakhi obebakhela amakamelo angaphandl­e abo bobabili.

“Ngokuthola kwethu abazange baye ndawo bakhiphe imali bathi sebethi bayaphuma unogada wathi abame kancane. Asazi ukuthi bame isikhathi esingakana­ni. Kuthe bengakange­ni emotweni kwaqhamuka amadoda abadubula athatha isikhwama sikadadewe­thu ebesinamas­elula nemali. Abantu bebecabang­a ukuthi imali yesitokofe­la, akunjalo, imali kamakhi,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokubamb­a inkunzi kuhlonyiwe eliphenywa esiteshini samaphoyis­a KwaMashu.

Uqhube wathi ngokolwazi abalutholi­le amadoda amathathu abehlomile adubule umufi nowesifaza­ne abehamba naye abaqola imali abaleka.

“Okwamanje akekho osaboshiwe nemali entshontsh­iwe ayikathola­kali, amaphoyisa asaphenya,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa