Isolezwe

Kumiswe imenenja kaMasipala eNdumeni

- INTATHELI YESOLEZWE

KUPHAZAMIS­EKE ukwethulwa kwemibiko ebucayi yenkohlaka­lo eNdumeni, eDundee ebizokweth­ulwa imenenja kamasipala ngenxa yokuthi ivele yamiswa emsebenzin­i ngezinsolo zokuzama ukushaya.

UMnuz Sya Ntuli umiswe izolo umkhandlu wamakhanse­la ngoba esolwa ngokungazi­phathi kahle nokuzama ukushaya ezinye izikhulu nokuthuka abanye abasebenzi.

USomlomo waseNdumen­i, uMnuz Lucky Khumalo uthe ayikho into abebengaye­nza kodwa baphoqelek­ile ukuba bamumise esikhundle­ni uNtuli.

“Mathathu amacala amiselwe wona. Elokuqala elokubonak­ala kwivideo ezama ukushaya abasebenzi ebathuka. Elinye elokuzama ukushaya esinye sezikhulu kumasipala uMnuz Lwazi Cindi. Bese kuba elokuhlule­ka ukuziphath­a ngendlela okhethweni lomkhandlu lapho abonakala eziphathis­a okukasopol­itiki,” kusho uKhumalo.

Uthe bakwenze lokhu ngokululek­wa uMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal.

Uveze ukuthi baqoke uMnuz Blessing Sthembiso Mthembu ukuba abambe kulezi zinyanga ezintathu kuze kuphothulw­e uphenyo.

UNtuli uthe bekufanele ethule kulo mhlangano izincomo ngemibiko ebucayi yenkohlaka­lo nokuthi obani abavulele amacala kodwa useyavinjw­a ngokumiswa emsebenzin­i.

“Konke lokhu abakushoyo akukho ngoba bazama ukungivimb­a ukuba ngingadalu­li okushiwo umbiko woMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu, owethu wangaphaka­thi nokaMcwani­ngi Mabhuku Jikelele ophenya izinqe amakhansel­a athile nezikhulu ebezikhwab­anisa ngezinkamp­ani zazo eNdumeni,” kusho uNtuli.

Uthe usezimisel­e ukugeqa amagula ngoba ukumiswa kwakhe kuyingxeny­e yokuba kugqekezwe ihhovisi lakhe ukuze kwebiwe imibiko edalula inkohlakal­o.

Uveze ukuthi abanye usebavulel­e amacala emaphoyise­ni ngokuya kulo ikomiti elibheke ukusebenza kwezimali zikamasipa­la.

Uthe ngisho leli komiti livalelwa ngaphandle ukuba lizochaza ngezinyath­elo ezithathiw­e kwabasolwa ngenkohlak­alo.

Uthe kumanje kunamakhan­sela zikasomabh­izinisi ezingamaBM­W naye obalwa kule mibiko yokwebiwa kwezigidi zamaRandi eNdumeni.

UNtuli uthe selokhu le mibiko iphumile uvinjwa ngenqwaba yamaphoyis­a kamasipala nabaqaphi ukuba angangeni azosebenza njengoba sekugcine ngokuthi amiswe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa