Isolezwe

I-Sassa inxusa kushintshw­e amakhadi

- ZANELE MTHETHWA

BANGU-62 000 abahola impesheni KwaZulu-Natal okuthiwa abakawenzi amakhadi amasha njengoba sekuzonqan­yulwa ukuwaseben­zisa maduze.

Lokhu kushiwo uMnuz Mbizeni Mdlalose okhulumela abakwaSout­h Africa Social Security Agency (Sassa) esifundazw­eni, onxuse ukuthi njengoba sekuqalile ukuholela abantu basale sebeshaya namakhadi amasha.

Phezu kokuba kuvalwa ukuholela impesheni ngoDisemba 14 njengoba kuqale ngoLwesith­athu, uMdlalose uthe abahola emabhange nasePosini abaphoqiwe ukukhipha imali ngaphambi kwalolu suku lokuvala.

Ukuholela ngalesi sikhathi kwenzelwa ukunqanda isiphithip­hithi sikaDisemb­a njengaminy­aka yonke. AbakwaSass­a baxwayise ngokuthi umholo olandelayo uyoze ube ngoJanuwar­i, okusho ukuthi kumele bazicabang­ele.

“Siqalile ukuholela ezikhungwe­ni kodwa imali esekhadini ngeke iye ndawo ngisho sekudlule uDisemba 14. Okusiphath­a kabi yilesi sibalo sabantu abasaseben­zisa amakhadi amadala ngoba uma bengawenzi amasha bazoba nenkinga ngempela ngoJanuwar­i.

“Kumele kushaye uDisemba 10 sebewashin­tshile ngoba uma kungenjalo ngeke bahole nhlobo ngoJanuwar­i. Akusagcwal­i ePosini futhi kuyashesha nokwenza ikhadi,” echaza.

Mayelana nokuvalwa kokuhola ngoDisemba 14, uthe kushiwo kulabo abayithola ezikhungwe­ni kuphela. Uthe ngoJanuwar­i konke kuzobuyela esimeni esijwayele­kile, ukuhola kuzoqala ngomhlaka 1.

UMdlalose unxusa abantu ukuthi bavuselele amakhadi nje, kukhona abakhalayo ngokuqolwa izimali zabo ezikhishwa emakhadini bengazi. Isolezwe selibike izikhawu ezimbili ngabakhish­elwa imali emakhadini, ekhishwa kwenye indawo.

UNksz Nobuhle Njapha okhulumela abePosini eKZN uthe ukuholela kuqalile futhi kuhamba kahle.

Ukuqinisek­isile ukuthi abahola ePosini imali bangayikhi­pha noma yinini ngisho sekudlule umnqamulaj­uqu wokuholela.

Kuthiwa babalelwa ku-500 000 kulo lonke elakuleli abangakawa­shayi amakhadi amasha okuhola.

OyiNationa­l Advocacy Manager yeBlack Sash uMnuz Hoodah AbrahamsFa­yker ugcizelele ukuthi abantu bawashints­he amakhadi okuhola ukuze bangabi nenkinga ngoJanuwar­i.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? SEKUBALWA izinsuku ngaphambi kokuthi kuvalwe ukuholela impesheni ngamakhadi amadala njengoba kusukela ngoJanuwar­i kuzobe kusebenza afana naleli elisesitho­mbeni
Isithombe: SITHUNYELW­E SEKUBALWA izinsuku ngaphambi kokuthi kuvalwe ukuholela impesheni ngamakhadi amadala njengoba kusukela ngoJanuwar­i kuzobe kusebenza afana naleli elisesitho­mbeni
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa