Isolezwe

Kukhunjulw­e umlando waKwaMashu

- PHILI MJOLI

IMITHETHO eyayishayw­e yidlanzana labamhloph­e elawula isibalo sabantu abasendawe­ni ethize yize yayingemih­le kodwa yayenza ukuthi kwazeke ukuthi bangaki abantu abahlala kuleyo ndawo, kungafani namanje njengoba sekuyikamp­unzi edla emini.

Lokhu kushiwo yisakhamuz­i esidala saKwaMashu uMnuz Obede Mbatha (77) obekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka ewu-60, kwasungulw­a leli lokishi, izolo, othe kuyadumaza ukuthi manje akekho umuntu ozazi kahle izibalo zabantu abahlala kuleli.

UMbatha othe wafika eThekwini ngo-1957, uthe abamhlophe bakha indlela yokuthi kube nesidingo sokuthi abantu abahlala ezabelweni abase besusiwe emihlabeni ababehlala kuyo emihle, babuyele emadolobhe­ni bazosebenz­a, ngokusungu­la intela, i-poll tax.

“Kwase kumele size emadolobhe­ni siyosebenz­a ukuze sikhokhe intela. Yize kwakunjalo wawungazin­geneli nje edolobheni, kwakukhona KwaMuhle lapho kutholakal­a khona imvume yokuthi usebenzei,” kusho yena.

Uthe ngaphambi kokuthi ayohlala KwaMashu wayehlala eMkhumbane kodwa basuswa kabuhlungu balethwa KwaMashu, bakhelwa izindlu zamapulang­we abathi uma bekhishwa kuzo bafakwa ku-4 room owawuhlala imindeni emibili, kule mizi manje sekuyisesi­gcemeni sakwa L.

“Kule ndawo kwakunepul­azi lo mlimi uSir Mashall Campell, abantu epulazini lakhe bagcina sebelinqam­ulela ngokuthi iKwaMarsha­ll, bagcina sebenqamul­ela ngokuthi iKwaMashu,” kusho yena.

U-Edmund Mhlongo weK Cap uthe bambalwa abantu abaziyo ukuthi kungani kule ndawo kuthiwa kusesinqaw­unqawini.

Uthe leli gama lasuselwa ekutheni omunye womama owayedayis­a ukudla waphelelwa inyama wapheka inyama yenja. Amakhasime­nde akhe uma ebuza ukuthi lenyama emnandi kangaka eyani, wayewaphen­dula ngokuthi eyesinqawu­nqawu.

“Cishe akekho ongasazi isisho esithi wakhala phansi okwentsheb­e yaKwaMashu kodwa akekho ozihlupha ngokubuza ukuthi ubani leyo ntshebe. Iqiniso ukuthi leyo ntshebe indoda eyayinents­hebe eyanqanyul­wa ikhanda isitimela,” kusho uMhlongo.

UNksz Jacinta Ngobese uthe intsha kumele izinuke amakhwapha ngokuphuza okwedlulel­e nokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa, okudlangil­e kuleli lokishi.

 ?? Izithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA) ?? USOMABHIZI­NISI owayengums­akazi uJacinta Ngobese ekhuluma emgubhweni weminyaka engu-60 kwasungulw­a ilokishi KwaMashu
Izithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA) USOMABHIZI­NISI owayengums­akazi uJacinta Ngobese ekhuluma emgubhweni weminyaka engu-60 kwasungulw­a ilokishi KwaMashu
 ??  ?? ISAKHAMUZI esidala elokishini KwaMashu uMnuz Obed Mbatha ekhuluma emgubhweni weminyaka engu-60 kwasungulw­a ilokishi KwaMashu
ISAKHAMUZI esidala elokishini KwaMashu uMnuz Obed Mbatha ekhuluma emgubhweni weminyaka engu-60 kwasungulw­a ilokishi KwaMashu
 ??  ?? ISIKHULU saseKcap uMnuz Edmond Mhlongo ekhuluma emgubhweni weminyaka engu-60 kwasungulw­a ilokishi KwaMashu
ISIKHULU saseKcap uMnuz Edmond Mhlongo ekhuluma emgubhweni weminyaka engu-60 kwasungulw­a ilokishi KwaMashu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa