Kuyaphela ukukhokhela ukubhukuda kwabaKwaMbila
IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kubantu baKwaMbila nabo bonke ababhukuda olwandle lwaseSodwana Bay njengoba sebezongena mahhala kuleli bhishi.
Lezi zindaba zimenyezelwe wuMnuz Sibusiso Bukhosini oyisikhulu esiphezulu eSimangaliso Wetland Park izolo ethula izinguquko eza nazo zokuthuthukisa ubudlelwane phakathi kwale paki nomphakathi.
“Kuqala abadala bebengena ngoR46 bese kuthi izingane zikhokhe uR36 ne-levy kaR5. Kusukela ngoDisemba 1 abantu abazobhukuda bazongena mahhala ngoba sizovula indawo ukuze kube nezindawo zokupaka izimoto zabazobhukuda kuphela. Abazolala esiqiwini nabazosebenzisa imikhumbi bazoqhubeka nokukhokha. Sesiyehlisile nemali yokungena eSodwana njengoba abadala sebezokhokha uR23 kuthi izingane zikhokhe uR19,” kusho uBukhosini.
Kuzokhumbuleka ukuthi uBukhosini wathi ufuna ukuthuthukisa ubudlelwano phakathi kweSimangaliso Wetland Park nemiphakathi eyakhelene naso.
Uthe ngesikhathi eqala umsebenzi wokuphatha iSimangaliso waxoxa nemiphakathi ehlukene wathola ukuthi owaKwaMbila ukhathazeke kakhulu ngokukhokhiswa uma uyobhukuda ebhishi laseSodwana Bay.
“Ngathembisa ukuthi ngizolulungisa lolu daba lokuthi kukhokhelwe ukubhukuda yingakho manje sengibuyile ngizoqinisekisa ukuthi abantu bangena mahhala. Ngiyathemba ukuthi lesi senzo sizokhombisa umphakathi ukuthi ngizimisele ukusebenzisana nawo. Akukho engikufihlayo yonke into ihleli obala ngisho imali ekhona ngiyasho ukuthi izokwenzani ukuze abantu bazi konke okwenzeka eSimangaliso,” kusho uBukhosini.
Ugqugquzele abantu ukuthi beze eSimangaliso njengoba kuqala amaholidi kaDisemba bazobona ubuhle bemvelo kusukela ezilwaneni zasendle, izilwanyana zasemanzini, izihlahla baphinde badlale nemidlalo ehlukene okubalwa i-scuba diving, snorkelling nokunye okuningi.