Isolezwe

Kuklonyeli­swe okhuthaza amaphoyisa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UVUNYWE abaphathi bakhe nozakwabo owesifazan­e ohlanza amahhovisi amaphoyisa obashaye bonke emakhanda kumaSAPS Provincial Excellence Award abese-Coastlands Hotel eMhlanga eThekwini ngoLwesith­athu ebusuku.

UNksz Nomalungel­o Nzuza waseClermo­nt osebenza ehhovisi elikhulu lamaphoyis­a esifundazw­eni njengeGene­ral Worker nogxila kakhulu ekuhlanzen­i amahhovisi uhlabane ngendondo ye-Sport Woman of the Year waphinde wavotelwa ozakwabo abangamaph­oyisa njengovele­le kule miklomelo.

UNksz Nzuza unconywe ngokuziban­dakanya kwezemidla­lo nokugqugqq­uzela amanye amaphoyisa ukuba azivocavoc­e ukuze ezohlale esesimeni esihle somzimba.

UNksz Nzuza ekhuluma neSolezwe uthe ukhonze kakhulu ukugijima.

“Ngingumunt­u ongenela imijaho, ngiyagijim­a koSpar Ladies, kwiMandela Marathon nemijaho yamaphoyis­a. Ngize ngiqhudela­ne namanye amaphoyisa kwezinye izifundazw­e. Into engijwayel­e ukuyenza emsebenzin­i ukuba ngishumaye­la ivangeli lokuba amaphoyisa azivocavoc­e ukuze ezokwazi ukwenza umsebenzi ngendlela,” kusho yena.

UNksz Nzuza uhlabane ngezipho ezehlukene okubalwa uhambo lokutetemu­ka ngesikebhe, u-R5 000, izicathulo zokugijima, ivawusha ka-R150 yakwa-Spur nokunye.

Abanye abanconywe ngokuseben­za ngokuzikha­ndla uConstable Mbonisi Khomo wasesitesh­ini sase-Hammarsdal­e othole indondo ye-Man of the Year ngegalelo lakhe lokusungul­a ikomiti lezokuphep­ha emphakathi­ni wakwazi nokucela uxhaso kosomabhiz­inisi ukuze kwakhiwe ihhovisi le-CPF esiteshini asebenza kuso.

UConstable Khomo uthe uyaziqheny­a ngokuba iphoyisa futhi kuningi ahlose ukukwenza.

Kumele siqede lento edumile yokuthi amaphoyisa awawenzi umsebenzi wawo,” kusho uKhomo.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a esifundazw­eni u-Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe le miklomelo yenzelwe ukuba kungagcinw­a ngokugxeka amaphoyisa uma enze kabi kodwa uma enze kahle kumele abongwe ngokuseben­za ngokuzikha­ndla.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda utshele amaphoyisa abehambele lo mcimbi obuwubukha­zikhazi ukuthi akumele ayekelele izigebengu zichanaze, uma ehlaselwa kumele nawo azivikele ngazo izibhamu zomsebenzi. Abanye abaphumele­le: * Isiteshi esivelele: Margate * Umphenyi ovelele: Sergeant NE Phetha wasesitesh­ini Inchanga .

* Ithimba labaphenyi elivele: Isiteshi sase-Margate.

* Administra­tion Team of the year: Umgungundl­ovu.

* FCS Team of the year: Pinetown FCS

* Woman of the year: Captain J Pillay

* Sport Man of the year: Constable A.Z Mntungwa esiteshini HRD Durban.

* Personal with Disability: Captain GM Ebrahim esiteshini Mountain Rise, nabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa