Bazobhadla ejele abebephanga behlomile
BAGWETSHWE iminyaka bebhadla ejele abalisa abahlanu baseShowe abebephanga behlomile.
Laba balisa abaphakathi kweminyaka engu-25 kuya kwengu-34 bagwethwe yinkantolo yesiFunda Inkanyezi.
Abasolwa kuthiwa bebewuhlalise lubhojozi umphakathi waseShowe kusuka ngo-Ephreli kuya ku-Okthoba 2015, baphange behlomile.
UMzuvele Innocent Manzini (32) ulahlwe ngamacala amabili okuphanga wagwetshwa iminyaka engu-20. Laba abanye, uZakhele Mnguni (28), uThabiso Nyawo (26), uThobani Ntetha (25), uNjabulo Bonokwakhe Manqele (34) bagwetshwe iminyaka engu-15 umuntu ngamunye ngamacala ahlukene. UManqele kuthiwa waboshwa ngoJuni 2016 emuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngokuthi umatasa uyalobola KwaHlomendlini, oThukela.
Kuthiwa kwaboshwa abalisa abayisithupha kodwa kwagwetshwa abahlanu ngoba lona wesithupha washona emuva kokudubulana namaphoyisa ngo-2016.
Kuthiwa ngo-Ephreli 2015 umnikazi wepulazi nabasebenzi bakhe ababili babanjwa yiqulu labalisa ababashaya, babashisa nge-ayina base bebaphuca imali nezinye izimpahla okubalwa kuzo nemoto eyatholakala ensimini kamoba eNtumeni.
NgoSepthemba 2015 abasolwa bazenza abantu ababefuna ukugitsheliswa imoto ngesikhathi bemelwa ngudokotela emgwaqweni u-R66. Kuthiwa baduna imoto yakhe bamphuca nezinye izimpahla zakhe bemkhombe ngezibhamu. Imoto yakhe nayo kuthiwa yatholakala ishisiwe eNtumeni.
Kudlule inyanga kwase kudunwa imoto yomunye owesilisa (42) emuva kokuthi egibelise abalisa ababili ababefuna ukusala endleleni.
Nalo mlisa waphucwa izimpahla zakhe wase evalelwa ebhuthini yemoto ngesikhathi abasolwa bezama ukudayisa imoto yakhe.
Kuthiwa wagcina eshiwe ehlathini, imoto yakhe nayo yatholakala eNtumeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe akuphelanga nsuku ezingaki kwaphangwa abasebenzi ababefelwe yiloli eNtumeni. Kulesi sigameko kwathathwa imali, amaselula nemoto kamakhenikha owayezokhanda iloli.
“Esinye isigameko senzeka eVuma lapho umlisa onesitolo aphangwa impahla yakhe nemoto iNissan 1400 abalisa abathathu ababemkhombe ngesibhamu,” kusho uCaptain Gwala.
Uthe laba balisa bamvalela ngaphakathi esitolo bamshiya wase esizwa ngomunye umakhelwane owayelusa owafonela amaphoyisa.
Ngokusho kwakhe emuva kokuthi sekuvulwe amacala okuphanga, ithimba labaphenyi laseKing Cetshwayo lasebenza ubusuku nemini ukuqoqa ubufakazi ngalezi gilamkhuba.
Uthe amaphoyisa abheka indlela amacala ayenziwe ngayo, aqoqa nobufakazi bolibofuzo nobeminwe nokuyikho okwahlanganisa labalisa necala.