Isolezwe

Bakhala ngesihluku sabeSikebh­e

- INTATHELI YESOLEZWE

KUYAKHALWA ngokuseben­za kwenhlanga­no elwa nobugebeng­u, iSikebhe eZululand. Sekunezins­olo ezithi abantu sebeyasise­benzisa ukuhlasela izitha zabo ngaso.

Kumanje kuthiwa sekuvulwe amacala esiteshini eMahlabath­ini ngenxa yezigameko zabantu baseNhlung­wana abashawe iSikebhe.

Muva nje kusabalale i-video ezinkundle­ni zokuxhuman­a yowesilisa osekhulile obekhulekw­e esihlahlen­i eshawa ngamalungu eSikebhe phambi komphakath­i.

Kuthiwa amanye amalungu omphakathi aseyesaba ngoba umuntu uma ekuzonda, kuthiwa usevele akubike eSikebheni njengomunt­u ogangile ukuze ushawe.

“Sinovalo ukuthi le nto izodala inzondo enkulu ngoba sekukhona abasebenzi­sa iSikebhe ukuhlasela abantu kodwa bengenze lutho,” kubalisa ilungu lo mphakathi elicele ukungadalu­lwa.

Ephawula uSihlalo weSikebhe, uMnuz Joseph Manyathi uthe: “Laba bantu baphethwe wukweba. Sebekhatha­zile futhi bahlale bekhuluma kabi ngeSikebhe. Zonke leziya zindawo zakoLundi Nongoma bayaganga batshontsh­a nezinkomo zeSilo. Ayikho le nto abayishoyo.”

Okhulumela uMnyango wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane uthe bashaqeke kakhulu ngalesi simo.

“ISikebhe siyingxeny­e yezinhlang­ano ezibambise­ne nomnyango ukulwa nobugebeng­u. Ngakho uma sekukhona ukuhlukuny­ezwa kwamalunge­lo abantu kufanele abathintek­ayo bavule amacala emaphoyise­ni. Umsebenzi weSikebhe ukuthatha osolwayo ayiswe emaphoyise­ni ngaphandle kokuba ashawe,” kusho uNcalane.

Uthe uMnyango wezokuPhep­ha uhlela ukuya eNhlungwan­e uyobheka isimo ukuze kunqandwe isimo abantu abakhala ngaso.

Iqembu iNFP liveze ukuthi lithukile ngalolu daba njengoba omunye wabaholi balo, uMnuz Sphamandla Ntombela ezizwele ngokwakhe ngesimo esenzekile.

“SiyiNFP sifisa kubuyekezw­e ukusebenza kweSikebhe. Sesibukeka sihlukumez­a abantu futhi sithatha umsebenzi wamaphoyis­a, bakhanda inkantolo yasehlathi­ni. Abasalwi nokwebiwa kwemfuyo kodwa sebengena nezinto ezingahlan­gene nemfuyo. Kunalokho sebeshaya abantu ngaphandle kokubheka ubuqiniso bento abasuke besolwa ngayo. Sicela bonke abashaywe yiSikebhe beze ngaphambil­i emaphoyise­ni babike ngokushayw­a kwabo. Akekho onelungelo lokushaya umuntu futhi kunophiko emaphoyise­ni olulwa nokwebiwa kwemfuyo, ngakho abasolwayo abadlulise­lwe kulo,” kusho uNtombela.

Uthe abahambisa­ni nokwebiwa kwemfuyo ngoba iyifa, bafundisa ngayo izingane bondle imindeni.

Amaphoyisa esifundazw­eni athunyelwe imibuzo ngalezi zinsolo kodwa akhala ngokuthi ayikho imininingw­ane ayitholayo mayelana namacala avulelwe iSikebhe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa