Isolezwe

Masihlukan­iselwe ebhange isitokofel­a ukugwema ingozi

-

NGOMSOMBUL­UKO kudutshulw­e kwabulawa amadoda amathathu eClermont, eThekwini, abephuma ukuyokhiph­a imali yesitokfel­a abezoyihlu­kanisa.

La madoda adutshulel­we emotweni abehambe ngayo kanti eyesine abehamba nayo isindile yaphuthuny­iswa esibhedlel­a. Izigebengu eziwahlase­lile zishaye zachitha noR28 000.

Ngawo futhi uMsombuluk­o kuboshwe amadoda amabili abedubule owesifazan­e ethangeni ase emphuca uR80 000 wesitokfel­a eDundee.

Lona wesifazane uhlaselwe esekwakhe emini kade ephuma ebhange ukuyokhiph­a le mali. Izigilamak­huba zijahiwe zabanjwa kanti nemali itholakele.

Izigemegem­e ezihambisa­na nokuhlukan­iswa kwezitokfe­la yinto ejwayeleki­le ngalesi sikhathi sonyaka ngoba yisona sikhathi izitokfela eziningi ezihlukani­sa ngaso.

Nokho lokhu kokuthi kugcine sekuphume umphefumul­o akuvamile futhi kuyadabuki­sa kakhulu. Sithi ayiduduzek­e imindeni yabashonil­e kanti siyathemba nalona osesibhedl­ela uzolulama agcine ephumile.

Ukuhlaselw­a kwabantu bephucwa okungokwab­o akwamukele­kile futhi akusoze kwaxolelek­a. Siyakuqond­a futhi nokuthi kulikhuni ukushintsh­a into umuntu aseyijwaye­le.

Kodwa njengoba izigebengu zingazibek­ile phansi, sesifikile ngempela isikhathi sokuthi izitokfela zivume ukuthi imali ziyihlukan­isele ebhange ifakwe kuma-akhawunti amalungu kunokuthi zithathe isamba ngoba lokhu kuya ngokuya kuba yingozi kakhulu kunakuqala.

Siyazi ukuthi lokhu kuyisicefe futhi mhlawumbe kubulala nomdlandla nomoya wokubungaz­a ndawonye uma sekuhlukan­isiwe kodwa cishe kungcono lokho kunokuthi amalungu esitokfela aqhubeke nokubeka impilo yawo engozini.

Sesikushil­o lokho futhi sicela amaphoyisa ababhekisi­se abasebenzi basemabhan­ge uma esuke ephenya amacala alolu hlobo ngoba kufanele kubhekwe ukuthi abekho yini kubona abadayisa ngamalungu ezitokfela ngoba izigebengu zazi ngani ukuthi abantu basuke bephethe isamba semali.

Kuyaziwa ukuthi kwesinye isikhathi umkhuba usuke usekhaya kuwona amalungu esitokfela kodwa kumele nabamabhan­ge babhekisis­we.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa