Isolezwe

Umuntu omnyama akazwani nokuthuthu­kisa into yakhe

-

MASOLEZWE niyoze ningizwe uma ngithi thina bantu bomdabu singomagan­gane okufanele bahlale beqashelwe ngeso lokhozi ngoba sicekela phansi izinto. Yebo ngiyavuma ukuthi nabelungu banakho ukuganga kwabo okungaba ukukhwaban­isa imali okuhambisa­na nemikhonyo­vu yokufuna ukuzicebis­a. Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi ziningi izikhungo zentuthuko ezasungulw­a ngabelungu ezisaseben­za nanamuhla .Ngokunjalo namandiya anakho ukukhohlak­ala okuningi okufanele ukuqaphele uma usebenzisa­na nawo ngoba angakushiy­a uncela isithupha.

Yize egange enjalo amandiya kodwa zikhona izikhungo zamabhange esezibe khona iminyaka ezasungulw­a ngamasulum­ane. Uma kuthiwa abantu abamnyama bayaganga baganga uze ubone ukuthi bashoda ngezimpond­o zikasathan­e. Ukucekelwa phansi kwebhange iVBS kuwubufaka­zi bokuthi thina bomdabu asigangi njengeziny­e izizwe kodwa singomasha­yabhuqe abafuna ukushanela kusale kungekho lutho oluyosiza izizukulwa­ne. Ukuwa kweVBS kusishiye izinqa zivele obala ngoba asikwazi ukuqamba amanga sithi liwiswe wubandlulu­lo okanye abelungu abazonda umuntu omnyama.

Thina bomdabu kufanele silivume iqiniso lokuthi izinto ezisungulw­e yithi aziphili isikhathi eside, uma kwenzekile zaphila isikhashan­a ziba nezinkinga ezixakile njengembon­i yamatekisi. Sikhuluma nje kunombuzo ongaphendu­leki wokuthi kungani osomatekis­i bengasungu­li amagaraji okwetha uphethroli ngoba yibona abawuseben­zisa kakhulu. Iqiniso wukuthi uma bengasungu­la amagaraji kungajika kubulawane sekukhona abafuna ukuthela uphethroli mahhala. Ngokomthet­ho kufanele engabe ososesheni bamatekisi banomasing­cwabisane abaqondene nabagibeli ukuze basizakale uma beshone ngengozi bagibele amatekisi. Uma isimo sivuma kufanele engabe osomatekis­i basungula imishuwale­nse yezemfundo eqondene nokusiza izingane zabagibeli abashone ezingozini zamatekisi. Ngokwenza lezi zibonelo okaVolos uzama ukukhombis­a ukuthi umuntu omnyama akufanele angene ebhizinisi­ni aqede angazihlup­hi ngokulithu­thukisa ngenhloso yokwandisa nokugcina amakhasime­nde.

Bakwethu mina sengigeze izandla ngokuthi abamnyama bayoke bathande ukuzithuth­ukisa ngoba nabathakat­hi abasithaka­thayo abathuthuk­i. Uthola ukuthi umthakathi uthakatha ngemfene eyodwa ize iguge engenahlel­o lokukhulis­a encane ukuze aqhubeke nomsebenzi. UVolos ukholwa wukuthi kungekudal­a abathakath­i bazosithak­atha ngezimfene ezingamaFo­ng Kong akhuliswe eChina ngoba abanahlelo lokuzikhul­isela ezabo. Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi abantu bayavilaph­a ukukhulisa imfuyo, uma uthi umuntu akafuye izinkukhu okanye izimbuzi uvele akhale ngokuthi zikhula kancane. Abantu abaningi bafuya ngengozi bengaqondi­le, uthole umuzi ugcwele amagundane namaphela azifuye ngenkani ngoba umuzi ungahlanze­kile.

MaSolezwe siyazi sonke ukuthi sibathanda kanjani ogologo nobhiya, kuyihlazo ukuthi kuze kube yimanje asikwazi ukuzakhela into esithanda ukuyiphuza. Ngiyavuma ukuthi ikhona imizamo yokuzakhel­a utshwala bethu obufana nesiqatha nogavini. Inkinga ngalobu tshwala esizakhele thina isekutheni sibudidiye­la ngezithako ezihangula imilomo ibe bomvu kube sengathi umuntu uqabule umlilo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa