Isolezwe

Abahambe abantu bayofakaza kwiKhomish­ini yeJaji uZondo

-

MHLELI: Ngiyakholw­a ukuthi ukuphawula kwami ngezinto ezenzeka kwiKhomish­ini eholwa yiJaji uZondo akuphamban­i nomthetho.

Ngifisa ukuqala ngibonge umsebenzi omuhle owenziwa yithimba elisebenza neJaji uZondo kanye nabo bonke ofakazi ababe nesibindi sokuza kwiKhomish­ini ukuze abantu baseNingiz­imu Afrika bathole ulwazi ngenkohlak­alo enuka phu ebiyenzeka kube kukhohlisw­a abantu kuthiwe yonke into ihamba kahle.

Izigcawu esesizibon­ile kwiKhomish­ini zenza kukhanye bha ukuthi izwe lethu bese liphendulw­e umkhoma ngamasela ebezixebul­ela nje kuwo ngaphandle kokwesaba.

Siyakuqaph­ela njalo ukuvela kweminye imibala kulabo bantu ebesibazi njengabant­u abalwa nenkohlaka­lo.Sibathola manje behlasela abantu abethula ubufakazi phambi kweKhomish­ini.

Lapha singabala uMnuz Julius Malema newele lakhe, uMnuz Floyd Shivambu, asebeke bahlasela ngamazwi uMnuz Pravin Gordhan.

Lokhu kuyathusa futhi kwenza abantu bazibuze ukuthi yini eyenza batatazele kangaka kuhle kwenkukhu ifuna ukubeka iqanda. Sekujike kuphi manje ngoba sibazi bengabantu ebebengayi­funi inkohlakal­o.

UMnuz Jacob Zuma, uyabazi ePhalamend­e. Kungenzeka yini ukuthi babekhomba inkohlakal­o kuZuma ukuze kunganakwa eyabo?

Ngikhuluma ngiwumlomo wabantu baseNingiz­imu Afrika okuyibona abahlukuny­ezwe wukwebiwa kwemali obekumele ithuthukis­e impilo yabo.

Siyanxusa bonke abanolwazi ngokulawul­wa koMbuso yidlanzana ukuba baphumele obala baveze wonke amanyundul­ulu abenzeka singaboni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa