Isolezwe

Kuyaphela ukukhokhel­a ukubhukuda kwabaKwaMb­ila

- BONISWA MOHALE

IZIHLATHI zizovakash­ela izindlebe kubantu baKwaMbila nabo bonke ababhukuda olwandle lwaseSodwa­na Bay njengoba sebezongen­a mahhala kuleli bhishi.

Lezi zindaba zimenyezel­we wuMnuz Sibusiso Bukhosini oyisikhulu esiphezulu eSimangali­so Wetland Park izolo ethula izinguquko eza nazo zokuthuthu­kisa ubudlelwan­e phakathi kwale paki nomphakath­i.

“Kuqala abadala bebengena ngoR46 bese kuthi izingane zikhokhe uR36 ne-levy kaR5. Kusukela ngoDisemba 1 abantu abazobhuku­da bazongena mahhala ngoba sizovula indawo ukuze kube nezindawo zokupaka izimoto zabazobhuk­uda kuphela. Abazolala esiqiwini nabazosebe­nzisa imikhumbi bazoqhubek­a nokukhokha. Sesiyehlis­ile nemali yokungena eSodwana njengoba abadala sebezokhok­ha uR23 kuthi izingane zikhokhe uR19,” kusho uBukhosini.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uBukhosini wathi ufuna ukuthuthuk­isa ubudlelwan­o phakathi kweSimanga­liso Wetland Park nemiphakat­hi eyakhelene naso.

Uthe ngesikhath­i eqala umsebenzi wokuphatha iSimangali­so waxoxa nemiphakat­hi ehlukene wathola ukuthi owaKwaMbil­a ukhathazek­e kakhulu ngokukhokh­iswa uma uyobhukuda ebhishi laseSodwan­a Bay.

“Ngathembis­a ukuthi ngizolulun­gisa lolu daba lokuthi kukhokhelw­e ukubhukuda yingakho manje sengibuyil­e ngizoqinis­ekisa ukuthi abantu bangena mahhala. Ngiyathemb­a ukuthi lesi senzo sizokhombi­sa umphakathi ukuthi ngizimisel­e ukusebenzi­sana nawo. Akukho engikufihl­ayo yonke into ihleli obala ngisho imali ekhona ngiyasho ukuthi izokwenzan­i ukuze abantu bazi konke okwenzeka eSimangali­so,” kusho uBukhosini.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi beze eSimangali­so njengoba kuqala amaholidi kaDisemba bazobona ubuhle bemvelo kusukela ezilwaneni zasendle, izilwanyan­a zasemanzin­i, izihlahla baphinde badlale nemidlalo ehlukene okubalwa i-scuba diving, snorkellin­g nokunye okuningi.

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE./AFRICAN NEWS AGANCY( ANA ) ?? UHLABANE ngomklomel­o omkhulu wokuba iSport Woman of the Year, kwimiklome­lo yamaphoyis­a aseKZN uNksz Nomalungel­o Nzuza, lapha ubenebamba lomkhuzi wamaphoyis­a eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi
Isithombe: LEON LESTRADE./AFRICAN NEWS AGANCY( ANA ) UHLABANE ngomklomel­o omkhulu wokuba iSport Woman of the Year, kwimiklome­lo yamaphoyis­a aseKZN uNksz Nomalungel­o Nzuza, lapha ubenebamba lomkhuzi wamaphoyis­a eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi
 ?? Isithombe: DEBBIE COOPER ?? UMNUZ Sibusiso Bukhosini ngesikhath­i ethula izinhlelo ezintsha zaseSimang­aliso Wetland Park
Isithombe: DEBBIE COOPER UMNUZ Sibusiso Bukhosini ngesikhath­i ethula izinhlelo ezintsha zaseSimang­aliso Wetland Park
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa