IZINKONDLO
Lenkululeko Ingeyegazi Yayisha insabula, Kwehla izithukuthuku zegazi kobaba, Bethiwa amagama angaziwa, Babesebenza bengaphumuli, Befuna le nkululeko yanamuhla. UBhambatha kaMancinza waqom’ iliba, Kunokuthengisa ngale nkululeko, Ukhandapondo wabhuqabhuqa uZulu, Kwafika umunyu kimi lapho ngibona amatshe,
Amatshe aqoshwe umbhalo othi, “Impi kaBhambatha 1906.” Kufanele ngimashe bakwethu, Uma ngifuna impilo engcono, Ngimashe ngilila ngenxa yenkululeko, Inkululeko engayithola ngokuchitheka kwegazi, Igazi lamaqhawe ansundu bakwethu. Lenkululeko ingeyegazi, Kuyoze kube nini uZulu eyilwela? Emabhukwini amakhulu kulotshiwe ukuthi ngikhululekile,
Noma kunjalo, le nkululeko ithokozelwa ngabakhethekileyo.
Impela ingeyegazi lenkululeko. Hloniphani Mzobe Ngiyakhala Ngidinga amazwi afanele wena weSilo, Ngidinga amazw’ okuveza isikhalo sami. Yebo, buyatusek’ ubukhosi bakho Ngonyama, Ubunguthulasizwe, isigcawu kungesakho, Kunyakaza lonke ilizwe ngomlomo nje wakho,
Waze wathola nezithunywa zakho kwezimhlophe. Ezajubalala zamgila okaSigonyela, Wathi ubhekile kanti zizomphamba ngesongo,
Wena wakuthol’ okwakho kodwa kawajabula.
Kepha wo! Yeka ukubaba kwezithelo zakho!
Ngibuza ngithi aphi namuhl’ amaqhaw’ esizwe?
Kuyangani samdibi munye nabakwaNyawone?
Kuyangani ubutha basihaqa macal’ onke?
Kungenxa yensambatheka yaleso senzo sakho,
Namuhla sesidla uthuli ezweni lomdabu.