Isolezwe

IZINKONDLO

-

Lenkululek­o Ingeyegazi Yayisha insabula, Kwehla izithukuth­uku zegazi kobaba, Bethiwa amagama angaziwa, Babesebenz­a bengaphumu­li, Befuna le nkululeko yanamuhla. UBhambatha kaMancinza waqom’ iliba, Kunokuthen­gisa ngale nkululeko, Ukhandapon­do wabhuqabhu­qa uZulu, Kwafika umunyu kimi lapho ngibona amatshe,

Amatshe aqoshwe umbhalo othi, “Impi kaBhambath­a 1906.” Kufanele ngimashe bakwethu, Uma ngifuna impilo engcono, Ngimashe ngilila ngenxa yenkululek­o, Inkululeko engayithol­a ngokuchith­eka kwegazi, Igazi lamaqhawe ansundu bakwethu. Lenkululek­o ingeyegazi, Kuyoze kube nini uZulu eyilwela? Emabhukwin­i amakhulu kulotshiwe ukuthi ngikhulule­kile,

Noma kunjalo, le nkululeko ithokozelw­a ngabakheth­ekileyo.

Impela ingeyegazi lenkululek­o. Hloniphani Mzobe Ngiyakhala Ngidinga amazwi afanele wena weSilo, Ngidinga amazw’ okuveza isikhalo sami. Yebo, buyatusek’ ubukhosi bakho Ngonyama, Ubunguthul­asizwe, isigcawu kungesakho, Kunyakaza lonke ilizwe ngomlomo nje wakho,

Waze wathola nezithunyw­a zakho kwezimhlop­he. Ezajubalal­a zamgila okaSigonye­la, Wathi ubhekile kanti zizomphamb­a ngesongo,

Wena wakuthol’ okwakho kodwa kawajabula.

Kepha wo! Yeka ukubaba kwezithelo zakho!

Ngibuza ngithi aphi namuhl’ amaqhaw’ esizwe?

Kuyangani samdibi munye nabakwaNya­wone?

Kuyangani ubutha basihaqa macal’ onke?

Kungenxa yensambath­eka yaleso senzo sakho,

Namuhla sesidla uthuli ezweni lomdabu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa