Isolezwe

Banyelwe inyoni esandleni abalimi bakamoba eKZN

- MLUNGISI GUMEDE

BANYELWE inyoni esandleni abalimi bakamoba abamnyama KwaZulu-Natal ngemuva kokuthola uxhaso lukaR71 million, kuMnyango wezoLimo esifundazw­eni.

Lolu xhaso lwethulwe emcimbini obuseGingi­ndlovu, lapho inhlangano yabalimi boHlanga, iSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n (Safda) kade igubha iminyaka emithathu yasungulwa.

UNgqongqos­he walo mnyango esifundazw­eni, uMnuz Themba Mthembu uthe bewuhulume­ni bazimisele ekutheni basebenzis­ane nezinhlang­ano zabamnyama ukuze bazisize.

“Sisafuna ukuhlangan­a nabantu abatshala ummbila, amadumbe, ubhatata namazamban­e ngoba iyona ndlela ekwazi ukuthi isebenzeke kalula ubhekane ngqo nezingqina­mba ezibhekene nalabo bantu emkhakheni abasuke bekuwo,” kusho uMthembu.

Uthe lo R71 million abawukhiph­ayo uzoya ngqo, kubalimi abamnyama ukuze nabo bakwazi ukuncintis­ana nabalimi abamhlophe.

“Ingakho siwuhumeni sithe asibasize ukuze bangacinde­zeleki basalele emuva uma bencintisa­na nozakwabo abamhlophe,” kusho uMthembu.

Uthe isizathu esidala ukuthi abantu bagcine sebeboleki­sa ngomhlaba abasuke benikwe wona uhulumeni ukushoda kwezinsiza namakhono okusebenza umhlabathi.

“Ingakho siwuhulume­ni sizama ukuthi sibaqeqesh­e abantu ukuze uma sebethola umhlaba bangahlule­ki ukukhiqiza,” kusho uMthembu.

Isikhulu esiphezulu kwaSafda, uDkt Siyabonga Madlala uthe bayinhlang­ano yabantu abamnyama yabalimi bakamoba exebuke kwinhlanga­no yabamhloph­e iCane Growers Associatio­n.

“Sithathe isinqumo sokuthi sizakhele elethu ikhaya eliqondene nokuthuthu­kiswa kwabantu abamnyama ngoba besibona ukuthi sicindezel­ekile kuleya nhlangano ebesikuyo yabamhloph­e,” kusho uMadlala.

Uthe basiza abalimi ngezinsiza nangamakho­no.

“Inhlangano yethu izalwe ngo-2015, namuhla sigubha iminyaka emithathu inhlangano yasungulwa, into esiziqheny­a ngayo kakhulu ukunika umlimi omnyama izwi embonini kashukela ebiphethwe ongxiwanku­lu abamhlophe nokukwazi ukulawula ikusasa lemboni, ngamanye amazwi abanye abalimi abamnyama abasakhula banalo ikusasa kulo mkhakha,” kusho uMadlala.

Uthe bathokoze kakhulu ngosizo abaluthola kuhulumeni njengenhla­ngano yabantu abamnyama.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISIKHULU esiphezulu kwinhlanga­no yabalimi bomoba abamnyama iSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n (Safda) uDkt Siyabonga Madlala ehlose ukufukula abalimi bamoba boHlanga embonini kashukela
Isithombe: SITHUNYELW­E ISIKHULU esiphezulu kwinhlanga­no yabalimi bomoba abamnyama iSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n (Safda) uDkt Siyabonga Madlala ehlose ukufukula abalimi bamoba boHlanga embonini kashukela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa