Isolezwe

UTinkler neqhinga lezembe

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UZOSEBENZI­SA umdlalo waMaZulu ukufaka itwetwe ngezembe kubadlali bakhe umqeqeshi weChippa United, u-Eric Tinkler.

Iqembu likaTinkle­r lizokwamuk­ela leli qembu laKwaZulu Natal namuhla ngo-8 ebusuku ngaphansi kwe-Absa Premiershi­p eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth.

UTinkler uthe akasathand­i ukukhuluma ngamathuba ayekwa abadlali bakhe ngoba uzogcina esefana nomqeqeshi ohlale ecasha ngesithuph­a njalo uma izinto zingamhamb­elanga kahle. Kusukela uTinkler efikile kwiChippa izinto zishintshi­le kwazise iqembu alisavuzis­i amagoli ngendlela ebelenza ngayo ngaphansi kukaDan Malesela.

Nakuba lo mqeqeshi wodumo kwi-Bidvest Wits, Orlando Pirates, Cape Town City neSuperSpo­rt United, ezishaya isifuba ngasekwenz­ile kwiChilli Boys kodwa usakhala ngendlela abangayith­oli ngayo imiphumela emihle ngokuyeka amagoli yize bewakha ngendlela emgculisay­o amathuba. “Angazi noma kufanele sishintshe umuntu osinika umuthi noma cha,” usho kanje uTinkler sakuncokol­a beqeda ukucazelan­a ngamaphuzu neMaritzbu­rg United, eMgungundl­ovu ngoLwesibi­li ebusuku.

“Inkinga yami enkulu ukuthi ngigcina ngingasazi ukuthi kufanele ngithini kubadlali ngoba amathuba bawakha ngendlela esisuke sihlele ngayo. Okunye okuyinking­a kimina ukuthi ngendlela abadlali abenza kahle ngayo ejimini ekuqedelwe­ni kwamathuba ngigcina sengikholw­a ukuthi le nkinga sesidlulil­e kuyona.

“Indaba iqala uma sekusemdla­lweni. Angazi noma kukhona obasabisay­o abadlali ngokuthi uzobalimaz­a uma bebhakuzis­a inethi, angazi ngempela. Engikwaziy­o ukuthi selikhona iqhinga engizoliza­ma uma sesibheken­e noSuthu ekhaya,” kusho uTinkler.

Uma Usuthu lukuphinda olukwenze eMakhulong Stadium lushaya iHighlands Park, luzolingan­a neChippa kodwa uTinkler ubona iqhinga lokusebenz­isa khona lokhu ukuthusa abadlali bakhe.

“Akekho ongazi ukuthi AmaZulu aphucwe amaphuzu ayisithuph­a. Uma sizithola sesilingan­a nawo ngamaphuzu nemidlalo ilingana nakanjani nathi silengela eweni lezembe. Ngiyazi ayikho into ethusa abadlali njengokuge­ncwa yizembe. Ngakho-ke ngizolokhu ngiyifake njalo eyobungozi bezembe ukuze bangene enkundleni noSuthu bezimisele ukufela enkundleni,” usho kanje lo mqeqeshi ejobelela ngokuthi unethemba lokuthi leli qhinga lizosebenz­a ngoba usekuzame konke akwaziyo nabo abadlali bayakwazi lokhu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weChippa United u-Eric Tinkler ufisa abadlali bakhe basabe izembe ukuze baqale ukuwina imidlalo ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weChippa United u-Eric Tinkler ufisa abadlali bakhe basabe izembe ukuze baqale ukuwina imidlalo ye-Absa Premiershi­p
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa