‘Ngabe ngenza iphutha uma ngicabanga ngesicoco manje’
AKUKHO emqondweni womqeqeshi weBloemfontein Celtic, uSteve “Mphathi” Komphela, ukuthi ubalwa namaqembu asesicongweni kwi-log ye-Absa Premiership ngoba kusesekuseni kakhulu ukuthi sekungacatshangwa indaba yokuthi ubani ozodla isicoco.
Lawa amazwi alo mqeqeshi osuke kwiKaizer Chiefs enyamanambana kubalandeli wafika kwiCeltic inezinkinga zemali kodwa wayiguqula wayibeka esicongweni. Ukube iCeltic iphumelele ukunqoba kwiSuperSport United ababambane nayo kwathula umoya ngoLwesithathu, ngabe ezikaKomphela ziqhwakele.
Kucace ukuthi akayinakile nokho leyonto uKomphela ngesikhathi ekhombisa izimpawu zokuthi indawo abahleli kuyona yinto angayicabangi ngisho elele.
“Ngabe ngenza elikhulu iphutha uma ngicabanga ngendaba yesicoco manje. Ngabe kungcono ukuba imidlalo isidlulile ku-20 kodwa njengoba kungakafikwa nakuhhafu kufana nokuzidlalela ukucabanga ngesicongo. Kukhona kodwa engikwaziyo esingakwenza njengoba sihleli endaweni ethembisayo. Kufanele sikukhiphe emqondweni wethu ukuthi singasesicongweni kepha siqhubeke nokuhlonipha wonke amaqembu esibhekana nawo.
“Ngalokhu singalokhu siqhubekile nalo mgqigqo okungenza sifike emidlalweni ewu-20 sisendaweni enhle. Kusemqoka kimina ukuthi ngikucacise futhi ukuthi isandla sami sincane kakhulu endleleni esiqale ngayo kepha abadlali (abasebancane) ngokweminyaka abangilalelayo futhi abazimisele ngokusebenza,” kusho lo mqeqeshi oke wapheka iMaritzburg United, Free State Stars, iqembu labafana abaneminyaka engaphansi kwewu-23 neBafana Bafana.
Kuyathusa ukuthi iCeltic ezaziwayo izinkinga zayo zemali isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-21 futhi isele ngemidlalo emibili kwi-Orlando Pirates eqhwakele ngawu-23. Ilona futhi leli qembu laseBloemfontein elisanqobe imidlalo eminingi kunawo wonke lapho libambisene khona nayo belu iBucs kumawini ayisithupha. Nasesibhaxwini futhi iCeltic imi kahle kwazise isashaywe kabili nje vo kule sizini. Lokhu kusenzeke kwiPirates nakwiSuperSport kuphela.
ICeltic izodudulana nePolokwane City eDr Molemela Stadium, ngeSonto koweligi.