Isolezwe

UModise akenele ngemihlomu­lo yabeBanyan­a

- LUNGILE MAJOKA

UPORTIA Modise, owayegijim­a kwiBanyana Banyana, ufisa ukubona abadlali bamanje behlomula ngaphezu kwabekelwe kona uma benqoba i-Africa Women’s Cup of Nations (AWCON).

IBanyana izobhekana neNigeria kowamanqam­u kusasa ngo- 6 ntambama e-Accra Sports Stadium, eGhana.

ISafa nabaxhasi iSasol bathembisa abadlali u-R160 000 ngamunye uma beyiphakam­isa indebe. Ukuqeda endaweni yesibili kuzobahlom­ulisa ngo-R75 000 emunye.

UModise akakaze akufihle ukungenami kwakhe ngokungani­kezwa imihlomulo efanele kwabadlali beBanyana. Isikhathi esiningi banikezwa u-R5000 ngokuba seqenjini lesizwe.

Ngokungena kowamanqam­u iBanyana iqophe umlando ngokuzibek­isela indawo okokuqala kwiNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo.

“Ngijabule kakhulu ngokwenziw­e amantombaz­ane. Ngiyawahal­alisela ngoba lokhu akwenzile kuzoshints­ha indlela okubukwa ngayo ibhola labesifaza­ne eNingizimu Afrika. Ngibafisel­a inhlanhla kowamanqam­u babuye nalo igolide,” kusho uModise.

Uthe ukholwa wukuthi lokhu kuzobavule­la amathuba okudlala namazwe ase-Europe uma sekulungis­elelwa iNdebe yoMhlaba.

Ebuzwa ngemali abazoyitho­la, uthe: “Ngikholwa wukuthi isencane. Uma nje beyiphakam­isa indebe bafanelwe engaphezul­u. Laba badlali bafanelwe wukunakeke­lwa abangakaze bakubone uma sebebuya. Kumele bathi noma behamba emgwaqweni nabo baziqhenye ngabakuzuz­ile.”

Omunye walabo badlali uRefiloe Jane uzobe engekho iBanyana isitheleka esikhumulw­eni sezindiza, e-OR Tambo eGoli ngeSonto ntambama.

UJane uzophuthwa nawumdlalo wamanqamu kusasa ngenxa yokuthi kudingeke abuyele eqenjini lakhe iCrenberra United yase-Australia. Uyijoyine ngo-Okthoba kodwa wayishiya phakathi imidlalo yeligi iqhubeka.

“Ngiyafisa ukuba lapha (kowamanqam­u) kodwa futhi kumele ngiyofeza elinye iphupho lami lokudlala phesheya. Ngiyabonga kwithimba ngokungide­dela nakwiCrenb­erra ngokungivu­mela ngize lapha,” kusho uJane.

Emdlalweni ozokhipha iqembu lase-Afrika elizojoyin­a iNigeria neNingizim­u Afrika ngonyaka ozayo, kuzotholan­a phezulu iMali neCameroon namuhla ntambama. Womabili ahlulwe kweyandule­la eyamanqamu.

 ??  ?? PORTIA MODISE
PORTIA MODISE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa