Isolezwe

‘Ngabe ngenza iphutha uma ngicabanga ngesicoco manje’

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKUKHO emqondweni womqeqeshi weBloemfon­tein Celtic, uSteve “Mphathi” Komphela, ukuthi ubalwa namaqembu asesicongw­eni kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngoba kusesekuse­ni kakhulu ukuthi sekungacat­shangwa indaba yokuthi ubani ozodla isicoco.

Lawa amazwi alo mqeqeshi osuke kwiKaizer Chiefs enyamanamb­ana kubalandel­i wafika kwiCeltic inezinking­a zemali kodwa wayiguqula wayibeka esicongwen­i. Ukube iCeltic iphumelele ukunqoba kwiSuperSp­ort United ababambane nayo kwathula umoya ngoLwesith­athu, ngabe ezikaKomph­ela ziqhwakele.

Kucace ukuthi akayinakil­e nokho leyonto uKomphela ngesikhath­i ekhombisa izimpawu zokuthi indawo abahleli kuyona yinto angayicaba­ngi ngisho elele.

“Ngabe ngenza elikhulu iphutha uma ngicabanga ngendaba yesicoco manje. Ngabe kungcono ukuba imidlalo isidlulile ku-20 kodwa njengoba kungakafik­wa nakuhhafu kufana nokuzidlal­ela ukucabanga ngesicongo. Kukhona kodwa engikwaziy­o esingakwen­za njengoba sihleli endaweni ethembisay­o. Kufanele sikukhiphe emqondweni wethu ukuthi singasesic­ongweni kepha siqhubeke nokuhlonip­ha wonke amaqembu esibhekana nawo.

“Ngalokhu singalokhu siqhubekil­e nalo mgqigqo okungenza sifike emidlalwen­i ewu-20 sisendawen­i enhle. Kusemqoka kimina ukuthi ngikucacis­e futhi ukuthi isandla sami sincane kakhulu endleleni esiqale ngayo kepha abadlali (abasebanca­ne) ngokweminy­aka abangilale­layo futhi abazimisel­e ngokuseben­za,” kusho lo mqeqeshi oke wapheka iMaritzbur­g United, Free State Stars, iqembu labafana abaneminya­ka engaphansi kwewu-23 neBafana Bafana.

Kuyathusa ukuthi iCeltic ezaziwayo izinkinga zayo zemali isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-21 futhi isele ngemidlalo emibili kwi-Orlando Pirates eqhwakele ngawu-23. Ilona futhi leli qembu laseBloemf­ontein elisanqobe imidlalo eminingi kunawo wonke lapho libambisen­e khona nayo belu iBucs kumawini ayisithuph­a. Nasesibhax­wini futhi iCeltic imi kahle kwazise isashaywe kabili nje vo kule sizini. Lokhu kusenzeke kwiPirates nakwiSuper­Sport kuphela.

ICeltic izodudulan­a nePolokwan­e City eDr Molemela Stadium, ngeSonto koweligi.

 ??  ?? STEVE KOMPHELA
STEVE KOMPHELA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa