Isolezwe

Ithemba lokuqeda ishobolo koweSuperS­port

- ZAKHELE XABA

INJINI yeSuperSpo­rt United, uTebogo Mokoena, ikholwa wukuthi uma bengaseben­za kanzima ngokubambi­sana bangaliqed­a ishobolo leminyaka lokwehlulw­a ngomakhelw­ane iMamelodi Sundowns.

ISuperSpor­t izobhekana neSundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p wabakhaya baseTshwan­e eLucas Moripe Stadium ngeSonto ngo-3.30 ntambama. Isihluleke amahlandla ayisishiya­galolunye ukwehlula iSundowns.

Amatsatsan­tsa a Pitori agcine ukwehlula iSundowns ngesizini ka-2012/2013. UMokoena uthe ukubhekana nabadlali abanamava beSundowns enkabeni yenkundla okukhona kubona uTiyani Mabunda noHlompho Kekana, kuyamgqugq­uzela.

“Ukubhekana neSundowns kunginika ithuba lokukhombi­sa engingakwe­nza enkundleni. Laba badlali ngikhule ngibabuka kwithelevi­shini kodwa manje sengigijim­a nabo enkundleni. Lokho kuyangigqu­gquzela kakhulu neqembu lonke. Kufanele sisebenze kanzima njengeqemb­u. Sizowuwina umdlalo,” kusho uMokoena.

ISuperSpor­t iyiqale kahle isizini ye-Absa Premiershi­p iqoqa amaphuzu abalulekil­e. Ifinyelele kowamanqam­u weMTN8 kodwa yagcina ikhale ngaphansi kwiCape Town City eThekwini.

Nokho izinto aziyihambe­li kahle kwiligi. Kusuka Amatsatsan­tsa ehlule iBlack Leopards ngo 4-0 ngoSepthem­ba, asawine umdlalo owodwa abekade ebhekene kuwona neFree State Stars. Adlale ngokulinga­na kwemine.

ISundowns isendaweni yesihlanu ngamaphuzu awu18 emuva kwemidlalo ewu-10. Iyona kuphela iqembu elingakehl­ulwa kwiPremier­ship kusuka kuqale isizini ka-2018/2019.

Umqeqeshi weSuperSpo­rt, uKaitano Tembo, uhambe emazwini kaMokoena, wathi ukholwa wukuthi basesimeni esihle sokuqeda ishobolo lokuhlulwa yiSundowns.

“Kuzoba wumdlalo onzima ngoba emidlalwen­i eyisishiya­galolunye edlule asikaze siyehlule iSundowns. Ngicabanga ukuthi umphumela ongcono siwuthole ngesizini edlule lapho sidlale ngokulinga­na ngo 1-1. Ngakho kuzoba wumdlalo onzima njengayo yonke imidlalo yabakhaya. Kodwa ngicabanga ukuthi sisesimemi esihle ngokomqond­o uma uqhathanis­a nangesizin­i edlule. Kuzoba wumdlalo ohlukile ngasohlang­othini lokuzethem­ba. Ngibona umdlalo omuhle kuwona womabili amaqembu. Ngicabanga ukuthi lesi yisikhathi sokushints­ha izinto, siwine ngeSonto.”

 ??  ?? TEBOGO MOKOENA
TEBOGO MOKOENA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa