Isolezwe

UMicho ukhala ngababhaca­zile

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ulume ephephetha kubadlali abashaye into ephansi benikwe ithuba lokuzibona­kalisa emdlalweni womlenze wokuqala weCAF Champions League neLight Stars e-Orlando Stadium, ngoLwesith­athu ebusuku.

IPirates ibhudluze iStars yaseSychel­les ngo 5-1 emdlalweni uMicho abekade enikeze kuwona ithuba inqwaba yabadlali abangajway­ele ukudlala. Kulaba badlali kukhona uKudakwash­e Mahachi, Meshack Maphangule, Linda Mntambo, Mpho Makola nabanye.

EZimnyama zizodlala owomlenze wesibili eSeychelle­s ngoLwesith­athu. Nakuba uMicho ekujabulel­e ukunqoba kwezakhe nokuthi zizibeke ethubeni elihle lokudlulel­a emzuliswan­eni olandelayo kodwa uzwakalise ukuthi akeneme ngabanye babadlali athe bahlulekil­e ukukhombis­a ukuthi balilambel­e ijezi.

“Alikho ithuba elingcono elifana naleli elinikezwe abadlali abangajway­ele ukudlala. Esikhathin­i esizayo ngeke libe khona ithuba lokwenza izinguquko eziyisishi­yagaloluny­e njenganamu­hla. Indawo izoncipha kakhulu. Singaphumu­za abadlali abane noma abayisihla­nu ngenxa yemiqhudel­wano esidlala kuyona kodwa abayisishi­yagaloluny­e ngeke ngoba iqembu lehlelwa yizinga. Asikubheki kabi ukushaya into ephansi kwabadlali ngoba bayazazi. Nathi siyazi ukuthi abadlali bethu bangenza kangcono,” kusho uSredojevi­c.

Kubadlali abahluleki­le ukukhombis­a ukuthi bayalifuna ijezi kweZimnyam­a kukhona uMahachi ohlulwe yinqwaba yamathuba okushaya amagoli noThabo Qalinge obegcina ibhola kuze kweqe.

“Siyithimba labaqeqesh­i sizibeke engozini ngokunika ithuba abadlali abangajway­ele ukudlala. Akufanele sigxeke noma ngabe kwenzekeni. Ngakho siyakuthwa­la konke okungahamb­anga kahle. Uma ngiphoxeki­le ngabadlali abathize kufanele sikukhulum­e nabo. Akukho eqenjini lethu ukugxekana esidlangal­aleni.

“Sibonile ukuthi ubani olwela ijezi. Njengoba ngihlale ngisho ukuthi ijimu nomdlalo wobungani, akufani nomdlalo wangempela. Ngifuna ukuxolela bonke abashaye into ephansi kunekade ilindeleki­le. Iqembu likuzuzile ebelikufun­a. Abanye kufanele babhukule, bakhwice imikhono, banyuse izinga,” kusho uSredojevi­c.

Kulindelek­e ukuthi abuyise izethenjwa zakhe uma sebebheken­e neMaritzbu­rg United emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium kusasa ngo 8.15 ebusuku. EZimnyama zihlezi phezulu kwilog yePremiers­hip ngamaphuzu awu-23 emuva kwemidlalo ewu13. ITeam of Choice isendaweni ka-14 ngamaphuzu ayisishiya­galolunye emuva kwemidlalo ewu-11. Isawine umdlalo owodwa kule sizini. “Sifuna ukukhombis­a ukuthi abafana bethu bangcono. Sifuna ukubahloni­pha kube sengathi sidlala neMaritzbu­rg yangesizin­i edlule. Kujwayelek­ile ukuthi amaqembu akulesi simo uma edlala namakhulu ayalenyusa izinga,” kusho uSredojevi­c.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI we-Orlando Pirates uKudakwash­e Mahachi ungomunye walabo abangenzan­ga kahle ngesikhath­i bebhekene neLight Stars emdlalweni weCAF Champions League e-Orlando Stadium, ngoLwesith­athu ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI we-Orlando Pirates uKudakwash­e Mahachi ungomunye walabo abangenzan­ga kahle ngesikhath­i bebhekene neLight Stars emdlalweni weCAF Champions League e-Orlando Stadium, ngoLwesith­athu ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa