Isolezwe

ISanta Fe igabe ngobukhazi­khazi

- THOKOZANI NDLOVU IMOTO: HYUNDAI SANTA FE

BAKHUPHULE izinga abakwaHyun­dai ngeSanta Fe okungenye yezimoto zabo eziphakeme abasanda kuyikhipha.

Ubuhle bayo nobuchweph­eshe obukuyona, benza ungayikhal­eli imali yakho futhi ayimbi eqolo ngokwezing­a layo eliphezulu.

Iphinde yengezwa nezihlalo njengoba ilayisha abantu abayisikho­mbisa.

Yethulwe ngokusemth­ethweni ngoMsombul­uko eCanelands Beach Club, eSalt Rock.

Ngesikhath­i yethulwa, abakwaHyun­dai bakusho bangasaba ukuthi imoto yabo izobhincis­ela nxanye eziningi ezisezinge­ni layo njengoba beveze inqwaba yezimoto ezisezinge­ni layo kodwa bathi ngeke zilibone elidlalayo.

Phakathi kwazo kukhona iToyota Fortuner, Ford Everest, BMW X5 nezinye.

Abakushilo ngayo ikufakazel­e ngesikhath­i sihamba ngayo.

Phakathi intofontof­o ngendlela eyinqaba futhi inezihlalo zesikhumba kuphela.

Inamandla amaningi futhi yenza ukhohlwe ngisho ukuthi uhamba ngemoto enkulu ngendlela eshesha ngayo.

Emgwaqweni iyazimelel­a futhi akukho okwenza ube novalo uma uhamba ngayo ngoba ibhalansil­e.

Engingakut­handanga ngayo umsindo obubuye uzwakale engathi kungena umoya emawindini angaphambi­li okungaqond­akali ukuthi udalwa yini ngoba ubuye unqamuke.

Ngale kwalokho akukho okungenza ungayijabu­leli le moto, ikakhuluka­zi njengoba iyimoto yomndeni. Iqhubeka ekhasini 3

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa