Isolezwe

Ahlukile amandla ophethroli

-

SAPHINDA sahlangana kuyo leyo nkundla okusho ukuthi sekuyilo olungaliyo othi sekufanele sicinge isikhundla esiphephil­e wena owabona inkukhu uma ifuna ukuzalela iqanda.

Njengemihl­a siyacela ukuthi singavele siyibhadek­e nje maphakathi nomgwaqo imoto yethu kepha masicingis­ise indawo efanele engaphandl­e ukuze sidedele ukuhamba ngokukhulu­leka kwezimoto bese sihlokoloz­a ama hazard ethu kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele.

Namhlanje sisukunyis­wa yindaba ethi mayincike kweyangeso­nto eledlule yize yona ingenabo ubungozi obungako. Ake sicaphune nayi incwadi evela komunye umfundi wale ngosi.

“Mfoka Shangase nakhu nginokudid­eka lana. Ngithe ngihamba nomakhenik­ha wami sabe sesidlula kwelinye lama garaji la edolobheni langasekha­ya. Ngaleso sikhathi besihamba ngemoto yami kwazise ubeqeda ukuyilungi­sa ezinye izinto, sisathi sisayivivi­nya nje ukuze sizwe ukuthi konke kuhambe kahle yini. Ngidideka la esethi asifake uphethroli oluhlaza kanti mina le moto ngiyazi ifakwa uphethroli obomvu. Ngithe uma ngimbuza ukuthi uwufaka kanjani uphethroli oluhlaza ekubeni le moto iphuza uphethroli obomvu, wavele wathi uphethroli uyafana imoto ngeke ibe nankinga.Kungabe kuyiqiniso lokho mfoka Shangase? Ozithobayo uBongani Jeza.”

Ngaphambi kokuthi singene empendulwe­ni yalo mbuzo kaMnuz Jeza, make siqale ekuhlaziye­ni ukusebenza kophethrol­i ababili obomvu noluhlaza. Obomvu ubizwa nge Lead Replacemen­t Fuel (LRP). Kuze kube khona iLRP nje kusukela ekutheni izimoto zakudala bezidinga isibabuli esibukhali esibizwa nge lead ukuze zihambe kahle. Ngokocwani­ngo lwama hazard onjiniya bafaka lesi sithako esibizwa nge lead ngoba befuna ukuthi imoto idume kalula futhi ibe namandla ngesikhath­i esisodwa futhi bengafuni ukuthi kwakhele umulwe kuma valve.

Lokho kwenza ukuthi bafake isibabuli esibizwa nge lead. Yiso lesi esasenza ukuthi imoto iligeqe ipayipi emumva lize libe mpunga engathi lithelwe ngomlotha. Ontanga bami bazongivum­ela ukuthi impilo yenjini ibibukwa epayipini ukuthi linjani. Uma limnyama bebekhala abantu bethi kukhona okungalung­ile kuleyo moto okungaba ukuthi isiphelelw­e ama ringi phakathi enjinini noma ifaka uphethroli omningi kunofanele bese iyehluleka ukuwushisa, lokho-ke kwakudala ukuthi ligqunqe ipayipi.

Ngasekuphe­leni kweminyaka yo-1970 kwaqaphele­ka ukuthi isibabuli okuthakwa ngaso uphethroli sidala ukuthi imoto ikhafule isisi (carbon dioxide) esingcolis­a umoya emhlabeni. Kulapho-ke kwathathwa isinqumo sokuthi kuqedwe nya ngophethro­li obukhali ngokuthi kuncishisw­e noma kuqedwe ukuthakwa ngelead uphethroli.

Thina sizalwe kukhona uphethroli owawubizwa nge-98. Loyo-ke wawushesha ukuvutha kodwa bese ukhipha isisi esinzima kakhulu emsileni wemoto. Kuhambe kwahamba kwaqedwa nya nge-98, kwasala i-97 ne-95.

Nayo yize ibisinciph­isile ku lead kodwa kugcine kuthathwa isinqumo sokuthi iphele nya i-lead. Yilapho-ke okugcine sekuvela uphethroli obizwa nge lead replacemen­t fuel obomvu kodwa ongenaso isibabuli se lead. Oluhlaza awunaso ngisho isibambisi se-lead yingakho ubizwa nge unleaded.

Zonke izimoto ezakhiwe ngeminyaka yo-1990 kuza neno ziyakwazi ukuduma ngazo zombili lezinhlobo zikaphethr­oli obomvu noluhlaza. Kuleli zwe iqedwe nya i-97 ngo-2006 kwasala i-95 ebuyekeziw­e yakhishwa isibabuli ne-93 yona engenaso isithako esibambele isibabuli se lead.

Imoto eneminyaka engaphansi kuka-20 iyakwazi ukuduma ngazo zombili lezi zinhlobo ukuthi i-95 iyinika amandla kancane kodwa ibe ingawalima­zi ama-valve bese kuthi i-93 ithe ukuthamba. Uma imoto yakho ingajwayel­e ukuba sezindawen­i ezigudle ugu lapho umswakama umningi ungayifaka i-95 wenzela ukuthi ikwazi ukusebenza kahle.

Nansi-ke impendulo eya kumbhali wencwadi ebuzayo.

Mfoka Jeza, awubange usasho ukuthi imoto yakho eyamuphi unyaka besizophen­dula siqonde kodwa uma imoto yakho ineminyaka engaphezu kuka-20 yakhiwa, isebenzisa kakhulu obomvu kodwa uma yakhiwe ngemuva kuka-1996 ungazikhat­hazi, vele idla oluhlaza.

Uma uke wafaka uphethroli oluhlaza esikhundle­ni sobomvu inkinga ingaba semandleni kuphela nokuthi-ke ama-valve akho azothatha isikhashan­a ukujwayela lolo hlobo osulufakil­e. Abeluleki ngezezimot­o bathi uma imoto ijwayele ngasolwand­le ithi uma isifika enkabeni yezwe lapho kome kakhulu ixakeke ngakho iyawudinga uphethroli obomvu othe ukuba bukhali.

Ngokunjalo nesuka enkabeni yezwe uma isingasolw­andle ifika icinane ngakho iyayidinga into ezohlokaza­na igazi layo. Uqinisile kancane umakhenikh­a uma ethi uphethroli uyasebenza kuzo zonke izimoto kodwa bekufanele akuchazele ukuthi ukuphi umehluko njengoba sesiqale ngokuthi sizame ukuwuchaza nje la ngenhla. Siyethemba uyaphendul­eka.

Hhayi-ke, sesingawav­ala lana ama hazard ethu okuphela kwenyanga sibuyele emgwaqweni siqonde ngqo kuDisemba. Sethembe sizohlanga­na sisawuphon­sa umbalane ngoba thina sibuswa yimithetho yezokushay­ela leli zwe engasivume­li ukuthi sibe osikhwili phambana nobhoko. Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu ku Facebook Igedlela

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa