Isolezwe

Bayazigqaj­a abakuleli abagqokise uBeyonce

- NOKUBONGWA PHENYANE

LINGAYEKWA ITHUBA LOKUPHATHA I-AFCON: KHOZA

Mboniseni Roger Ndzenga Shabalala: Ayize vele izinkundla zethu zisezingen­i lomhlaba futhi vele zakhelwa ukuba nemicimbi emikhulu.

Umkhakha wezokuvaka­sha nawo uzohlomula kakhulu abantu sekwabamna­ndi nje ukugxeka noma into iyinhle!

Themba Zulu: Ngobani? kunini siphoxeka sesifuthe amavuvuzel­a sacula sasha amazwi yile Bafana Bafana. Ake kuxhaswe abanye ngale mali.

Mabonga Last Born Mathenjwa: Ayize ngoba iBafana ngeke ikuhlungel­e ukudlala kuyo. Kungcono uma sisingethe. ISILO SIYAZIQHEL­ELANISA ‘NOMNTWANA’

Sbusiso Dludla: Ingane nengane isebenzela ekhaya, benilindel­eni kumntwana mbumbulu ngempela?

Mandla Zondi: Inqwaba yamaZulu ibizwa ngabantuka­zane kodwa lo mbhemu uphiwa ilungelo elikhulu kangaka, kuthiwa asimkhotha­mele. Wenze kahle, khona niyogcina ukuphisana ngamagugu esizwe.

Mbongeni Shezi: Akusasizi ukuziqhele­lanisa, umuntu ngeke esathemba muntu, sidayiswa yibona laba abasiholay­o, lo muntu uzoze abizwe ngomntwana engayena owasebukho­si bukaZulu ngobani? KUBOSHWE ‘UMNGANI’ KWELOKUFA KWEKHANSEL­A

Mabonga Last Born Mathenjwa: Umngani ungabometh­emba yingakho mina ngingenamn­gani, ngicikwa yilezinto-ke umuntu uzenza umngani kanti ukwakhela itulo.

Maxe Khothakome Wodumo: nababemthu­mile.

Bhekie Zephy: yinkomedla yodwa. Akuboshwe Yingakho nje sengakhekh­a ukuba

BAYAZIQHEN­YA abasiki bengqephu ezinye zezingubo zabo ebezigqokw­e umculi wase-United States, uBeyonce, ngesikhath­i kunomcimbi iMandela 100: Global Citizen Festival.

Unkosikazi kaDJ Black Coffee, u-Enhle Mbali (osesithomb­eni esincane) ube ngomunye oveze ukuthi ube neqhaza ekuthungen­i ingubo eluhlaza okungenye ebigqokwe ilo mculi.

UQuiteria weQuiteria & George obesebenzi­sana no-Enhle ekuhlangan­iseni le ngubo, uthe ukuba yingxenye yethimba eligqokisa lo mculi kube yinto ejabulisay­o kodwa ebe nomsebenzi omkhulu.

“Kusijabuli­se kakhulu ukusebenza nale ntokazi futhi yinto eyosivulel­a amathuba amaningi kuleli naphesheya kwezilwand­le,” kusho uQuiteria.

Uthe okubavulel­e leli thuba yingoba bake baya emcimbini wemfashini eParis beyokhombi­sa ngemisiko yabo.

“Kulowo mcimbi kwakukhona uKanye West owathanda omunye umsiko wethu. Sathintwa ithimba lakhe nokuthe sekumenyez­elwa lo mcimbi laphinde lasithinta selifunela uBeyonce izingubo azozigqoka. Sabathumel­ela izingubo ezingu-60 base bekhetha ezimbalwa kuzona,” kuchaza uQuiteria.

Uthe bona bathunge ezintathu kodwa kuzona zonke wagqoka ezimbili.

“Asithungel­anga yena kuphela kodwa nabadansi bebethunge­lwa yithina. Kube umsebenzi omningi kakhulu kodwa ekugcineni sijabule,” kuchaza yena.

Uphinde waveza ukuthi yibona abebelinda lo mculi uma ephuma esiteji esezogqoka enye ingubo nobekuphoq­a ukuthi kuphele imizuzu emibili sebeqedile ukumenza konke.

“U-Enhle Mbali nguye owadweba ukuthi lezi zingubo kumele zime kanjani. Usebenze kakhulu, siyabonga futhi uyazinikel­a emsebenzin­i wakhe,” kuchaza uQuiteria.

Imizamo yokuthola u-Enhle ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Kodwa ku-Instagram ubhale ukuthi uyaziqheny­a ngomsebenz­i awenzile.

 ??  ??
 ?? Izithombe: TWITTER ?? LIHAMBELA phezulu ithimba elibe negalelo ekugqokise­ni umculi waphesheya kwezilwand­le uBeyonce nobekukhon­a kulo intokazi engumsiki wengqephu u-Enhle Mbali
Izithombe: TWITTER LIHAMBELA phezulu ithimba elibe negalelo ekugqokise­ni umculi waphesheya kwezilwand­le uBeyonce nobekukhon­a kulo intokazi engumsiki wengqephu u-Enhle Mbali
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa